Izimu

Kwesukasukela! Cosi! Kwakukhona! Sayipheka ngogozwane ibhodw’ elincane umancishane. Kwakukhona umama ehlala nengane yakhe. Kulendawo ababehlala kuyo yayinamazimuzimu. Umama wayethi uma esemsebenzini ayishiye yodwa ingane. Wathi umama kuyo uma sengibuya ngizothi ‘imina mtanami, imina umama wakho.’ Ngicela ungavuleli muntu lapha endlini ngize ngibuye. Nangampela kwasa ngakusasa wahamba umama. Kanti izimuzimu lizwile. Lathi ngilambe kanje ushiya ingane … Read more

Isiko lokubonwa kwesisu nengane esizelwe

Ngixoxisane noSbongile Mbatha oneminyaka engu 60. Owazalelwa wakhulela endaweni yaKwa Mashu manje osehlala eCongo, eNanda. Udaba asixoxela lona lokubomwa kwesisu uma ukhulelwe nokubonwa kwengane uma isizelwe ngabomndeni wakubo kamfana. Ziningi izinto ezilandelwa yimindeni eyahlukene, okuyizinkolelo zakhona njengokuthi uma umuntu wesifazane ekhuleliswe khona abomndeni lowo bacele ukubona isisu sakhe.Lokhu kwenziwa ngesikhathi umuntu eqhutshiwe ukuzobika isisu njengokwesiko … Read more

Ingadi Yomndeni

One Home, one Garden Abezolimo bayagqugquzela ezindaweni zasemakhaya ukuthi imindeni ibe nezingadi emakhaya okungenani ingadi eyodwa ikhaya nekhaya ukuze kugwemeke indlala emakhaya. Loluhlelo selunesikhathi lwaqala kanti futhi abezolimo banikela ngezimbewu kuyona yonke imindeni ukwenza kubelula ukuthi baqalise ngazo ukwenza izingadi zezaqathe emakhaya abo. Contents 1 Ukwenziwa Kwengadi 2 Ukwakha Ibhede 3 English Summary 4 Family … Read more

Iketango Umdlalo Wezingane

Lona umdlalo odlalwa futhi othandwa ngamantombazanyana asemancane, nabafana bayakwazi ukuwudlala uma bethanda, lomdlalo ubizwa ngokuthi amaketanga. Ungadlalwa ngabantwana cishe abayishumi noma ngaphansi kwalokho. Ukudlalwa kwawo Bonke abadlalayo babambana ngezandla benze indilinga, oyedwa bese engena phakathi kwalendilinga lona ufana negosa lomdlalo ngoba uyena ohola umdlalo lona. Kuba nezinto azishoyo kuthi abanye baphendule kulokho akushoyo. Kuba kanje: … Read more

Ekufanele Ukwazi Ngendlela yokuphila

Akukhulunywa nomuntu omdala umbheke emehlweni kukhombisa ukungahloniphi lapho. Lowo omncane uthobisa ikhanda aphendule ngomlomo ukuthi uyezwa.Uma umuntu omdala ekumukelisa into uthatha ngezandla zombili, noma usondeza izandla zombili kuye esinye kubesengathi siba ngaphansi kwesithathayo, babethi lokho kukhombisa inhlonipho nentobeko kumuntu omdala. Akukhulunywa nokudla emlonyeni kuthiwa uyomelwa zindaba. Awumi uqonde emzini wenye indoda kodwa ugobisa amadolo uma … Read more

Izinkolelo Zabantu Zokucelela Ogulayo Indlela Emadlozini

Imindeni noma izibongo zinezinto ezikholelwa kuzo noma eziyimikhuba eyenziwayo engenziwa kweminye imizi njengokuthi uma kukhona ilunga lomndeni eseligule isikhathi eside lingabingcono, balicelele emadlozini omndeni ukuthi aliphumuze ezinhlungwini asezizwile. Lomkhuba ubizwa ngokuthi ukwenzelwa umphako. Ngesinye isikhathi lowo ogulayo uyazicelela kwabomndeni lomphako nabo babonisane ukuthi kungenzeka usebanjwe yiwona. Njengokuhlukana kwemindeni eminye ihlaba imbuzi kuthi eminye ihlabe inkukhu. … Read more