Izindaba Ngezipoki

Kudala kuthiwa bezandile izipoki, abantu bebezibona, noma besebekwazi ukubona noma ukuzwa izimpawu uma sebesendaweni enesipoki. Abantu abadala bathi lomuntu osuke esezopoka yingoba ebuyiswe ezulwini mhlawumbe usuke ehambe kabi emhlabeni, mhlawumbe ubenenhliziyo embi esalapha emhlabeni wase uMvelinqangi wamxosha. Okunye okushiwoyo ukuthi imbangela yokupoka yingoba bebesuke bengcwatshwe bephelele, kudala umuntu uma eshone namhlanje ngakusasa wayefihlwa. Ngaleyondlela babefihlwa … Read more

Isiko lokugqobhoza lakwaMdabe

Sibe negxoxo noMakhosana Mdabe waseCongo ngesiko lokugqobhoza lakwaMdabe okuyisibongo sakubo. Amasiko abantu awafani ngokuhlukana kwezibongo nemvelaphi yabo. Ngesinye isikhathi uthole ukuthi abantu kuthiwe bashadile kodwa izinto zingabahambeli kahle ngenxa yokuthi kukhona lapho bengahambisanga khona ngokwesiko idlozi bese liyaphika. Kulengxoxo uMakhosana uveza ukuthi izingane zakhe zibiza isibongo sakubo ngoba akazange agcagce ngokwesintu. Wawushanda omhlophe kodwa amadlozi … Read more

Inganekwane: Inkosikazi Nenyanga

Kwesukasukela… Cosu! Kwesukasukela ngenkosikazi, lenkosikazi yabe iyikholwa elingumKrestu. Yayi nomntwana oyedwa osemncane. Kwathi ngolunye usuku ithole ukuthi ayithezanga izinkuni ngoMgqibelo. Pho manje ngoba kuyiSonto nje izokwenzenjani? Lenkosikazi yayiwazi kahle umyalelo wesine othi: “Khumbula usuku lweSabatha ulugcine ulenze lube ngcwele. ungasebenzi ngalo nakanye nje.” Yathi ibona ukuthi hhayi cha izalelwe yinja endlini, ngoba phela ingane yayikhala ubuqanduqandu … Read more

Imbila yeswela umsila ngokuyalezela

Kwasukasukela!….. Cosu!… Kudala emandulo izilwane zonke zabe zingenayo imisila. Zahlala zahlala zabe sezibona ukuthi kumele zenze umhlangano mayelana nalento. Nangempela inkosi yazo yazibiza ukuba zize emhlanganweni ngokushesha. Inkosi yazo kwakunguBhubesi. Zaphuma-ke izilwane ngobuningi bazo zifuna ukuyozizwela ngawazo amadlebe mayelana naloludaba. Inkosi yazo uBhubesi wasukuma-ke wakhuluma nazo. “Sanibonani nonke” inkosi yezilwane ibingelela zonke izilwane. Zavuma ngenkulu … Read more

Kavady Festival

This Hindu festival occurs throughout KZN during the first quarter of the year. It is normally associated with Fire Walking, Chariot Processions and Body Piercing. There is a prescribed fasting period normally of about a week which culminates in the procession. Devotees carry Kavadies on their shoulders, this symbolises a form of penance.  

Izinkolelo Zokuphuma Kwengane Amazinyo

Phambilini ukukhumuka kwengane amazinyo ikakhulukazi okokuqala, bekuba yindaba kontanga bayo, nasemndenini wayo uqobo. Ingane ezokhumuka izinyo ibidonswa ngendlebe kuthiwe ize ingalilahli noma yikanjani. Bekuthiwa uma selikhumukile mayiphume iye ngaphandle kwegceke ifike ikhulume ithi ‘‘Nhloyile, nhloyile ngiphe izinyo elisha mina ngikuphe elidala’’ isho lamazwi icimezile. Uma isiqede ukuwasho, iyagxamalaza bese ilijikijela kude ilikhiphe phakathi kwemilenze yayo. … Read more