Isibaya

Indawo apho kulala khona izinkomo, ibizwa ngokuthi. Iyisakhiwo esenziwe ngezingodo KwaZulu sisetshenziswa ukugcina izinkomo. Isibaya sakhiwe maphakathi nomuzi. Izinkuni noma izingodo zokwakha isibaya ziyaqoqwa bese zihlanganiswa zenze isiyingi nesango. Isango libhekene nomnyango omkhulu womuzi ukuze abantu bakwazi ukufinyelela kalula esibayeni. Izinkomo zilala ngaphakathi esibayeni lapho lina futhi uma kubanda noma lina izinkomo zilala ngaphandle kwesibaya, … Read more

Isihlala soMsinsi Wokuzimilela: Lucky Bean Tree

Sabanenhlanhla yokukhulela eThekwini selashwa ngezimbali ezibomvu zesihlahla se-coral esimangalisayo, futhi saba nenhlanhla enkulu njengezingane ukukwazi ukuqoqa inqwaba, egcwele ‘ubhontshisi wenhlanhla’! I-Erythrina lysistemon, eyaziwa kakhulu ngokuthi isihlahla samakhorali noma isihlahla sikabhontshisi wenhlanhla, isitshalo esibalulekile esikweni lamaZulu, sibizwa ngokuthi uMsinsi. Ngokwesayithi elithile igama lesiZulu eliphelele empeleni lithi uMsinsi wukazimilela, okuhunyushwa kokuthi kulapha lapho sivela khona’, okwenza umqondo uma ucabanga indlela isihlahla … Read more

Ukubaluleka kwe-Tulsi Plant – Umphakathi wamaHindu

I-Tulsi Plant Izinkolelo kanye nendabuko yosiko akungabazeki ukuthi kumelelwa indlela ababona ngayo imvelo kanye nendlela abaziphatha ngayo. EThekwini cishe yonke imizi yamaHindu ine i-Tulsi noma i-Indian Basil plant. Ukubaluleka kwesitshalo i-Tulsi kusekwelapheni kwaso kanye nenkolelo eyaqhutshwa abokufika baseNdiya eThekwini mayelana nesitshalo sobunkulunkulu. Ivamise ukuzumuka ezindaweni ezishisayo nezifudumele. Itshalwa ngaphandle kwekhaya futhi ikhulekelwa ekuseni lapho ilanga … Read more

Ukushintsha kolimu

Ukushintsha kwezikhathi kusho ukushintsha kwendlela yokwenza izinto ezindaweni esihlala kuzo kanye nasemphakathi esiphila kuwo. Noma singanalo ulwazi oluphelele ngokuthi emandulo bekuphilwa kanjani kepha sinaso isithombe ngolwazi esiluncele kwabadala emakhaya. Izalukwazi namakhehla asifundise okukhulu mayelana nokukhula, izigaba zokukhula, inhlonipho, indlela yokukhuluma nokunye okuningi. Kuningi osekushintshile ngoba ngisho nazo izinto ezithinta usiko namasiko akithi sekushintshile. Ezintweni zonke … Read more

ILakshmi Pooja: Ukubaluleka kwentambo ebomvu kumaHindu

Ukubaluleka kwezintambo ezibomvu kumkhuba wamaHindu obizwa ngokuthi i-Lakshmi Pooja. Inyanga ka-August iletha uLwesihlanu olubaluleke kakhulu kumaHindu emhlabeni wonke. NgoLwesihlanu olunqunywayo ngo-August (olunqunywa ngokuncike enyangeni) ekhalendeni lamaHindu, amaHindu agcina uLakshmi Pooja enikelwe kunkulunkulukazi uMaha noma uMother Lakshmi kanye nosuku abopha ngalo intambo ebomvu ebonisa ukuzinikela kwabo kunkulunkulukazi. Ukubaluleka kobungulunkulu beLakshmi Ubunkulunkulu  beLakshmi buyingxenye ebalulekile yazo zonke … Read more

Ilongwe

Kwelinye lamakhasi sike sabhunga ngendaba yamalobolo, njengoba futhi sasike sabhala naphambili ukuthi umlobokazi uziphatha kanjani uma eganile. Besingakayifakeli ke amehlo le yengoduso nokuthi iziphatha kanjani. Ukuchaza nje, ingoduso umuntu osuke eselotsholwa noma eselotsholiwe sekushoda ukuthi ziwushaye nje kuphela. Ngoba vele ukonakala nokulingeka yinto ebiyenzeka nasemandulo, umbuzo uthi ngokwesintu bekwenziwa njani uma ingoduso yakho ithe ukuphambuka … Read more