Into eyenza ukuthi umculo wesintu uthandwe kakhulu umlayezo owudlulisayo, indlela olotshwe ngayo bese kuba isigqi sawo uma nje sibala izinto ezimbalwa. Maningi amaciko aqopha izingoma okuthi ngisho sekudlule iminyaka ngeminyaka zaqoshwa kepha umlayezo okuzo ungapheleli emoyeni. Uma sikhuluma ngamaciko abesimame kanye kanye namaqembu awo ngabe senza iphutha uma sishiya ngaphandle iqembu lemithente kanye nomama uBuselaphi Gxowa. Ziningi izingoma zesintu eziphume ngaphansi kweqembu likaBuselaphi kuhamba phambili uBuselaphi kuzo ngephimbo ehlabelela. Kuleli khasi ke sinaba ngengoma ethi Umendo kanye nalena ethi Udayise Ngami eziculwa iqembu uBuselaphi ngephimbo lika Dokotela Buselaphi Gxowa eseyingxenye yalo leli qembu. Udayise Ngami ingoma eyenaba ngenguduso esilotsholiwe ezogona komunye umuzi. Izinhlamvu zalengoma zithi:
“Baba nomama nje ngisele okhalweni, ubaba udayise ngami kubafokazana
Izizwe zonke zimbonile ubaba, ubaba udayise ngami kubafokazana ngahlupheka
Ngoba ngilapha kumnyama kwethu, ummele uphumelele ngami wena mavimbela”

Lapha lentombi isuke isizilahla ikhala ngosizi lokushiya ikubo la ephethwe khona kahle ngaphansi kwesandla sabazali isiyovusa umuzi wakwesinye isibongo ingazi ukuthi izophathwa kanjani lapho. Uma ubaba womuzi ekhipha indodakazi yakhe, indodakazi iyaye iyalwe ngomama abadala bakubo ngokuthi iziphathe kanjani emzini futhi izihloniphe. Abadala baphinde bakuveze ukuthi emendweni kudinga uqine ngoba ziningi izivunguvungu uma usuganile, ingakho nakuyo lengoma lentombi eyogana ikhala izithulisa ngoba ayazi ikusasa liyiphatheleni la eyokwendela khona. Lapha ke lentombi ayigcini ngokukhala ngokuyogana kepha futhi ikhala ngokuthi ubaba wayo uvume izinkomo ezizoyilobola ibona engathi uyise wayo uyayidayisa. Izingoma ezinje ngalezi ziveza ubuciko kakhulu ngoba ziveza ukujula kokugcagca kwentombi nokuthi isuke izizwa kanjani uma isikhishwa kubo iyoganiswa. Bese kuthi lena ethi uMendo yona isho ukukhala kwentombi isigajwe uthando lwensizwa ebizibika kuyo intombi.
Brief Overview
The article discusses the artistic nature of how maskandi songs are composed and their meaning. Most maskandi songs carry dual meanings and are figurative in terms of how they convey their message. The two songs cited in this article artistically convey how a desolate young woman feels about leaving her father’s homestead to marry someone and how her father has auctioned her for the Iobola fee.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).