Black Excellence: Bhekani Thabede

Akujwayelekile ukuthi umuntu anconywe esaphila emhlabeni, sekujwayekele kukuthi umuntu sizwe ngobuhle kanye namagalelo akhe uma sekufundwa umlando kamufi emgcwabeni wakhe. Kungaba umkhuba omuhle ukuthi abantu abangamaqhawe sibachome uphaphe legwalagwala besadla anhlamvana, sibatuse ngokwenza kahle kwabo. Iqenisweni nje akekho umuntu ongakuthakaseli ukunconywa nokuthi kubongwe ngokuhle akwenzela umphakathi. Baningi abantu abasebenzisa isikhathi, amandla kanye nolwazi abanalo ukuthuthukisa umphakathi bona bengeke bathole ngisho esente elimdaka leli ngokusiza kwabo. Kuleli khasi ke sithi ake sincome amagalelo kaBhekani Thabede kwezithinta amaciko esintu, angagcini nje ngokusiza amaciko asasafufusa kuphela kepha aphinde anikele ngesikhathi sakhe kanye nolwazi ekusizeni umphakathi.

Mnu Bhekani Thabede, Kwambuk’ esuka

Noma naye enayo inhlangano yakhe ebizwa ngokuthi iKhula Arts Centre esiza ngokukhulisa amaciko kepha ke ziningi nezinye izinhlangano zokuthuthukisa umphakathi akazisizayo. Lezi izinhlangano bizwa ngokuthi amaNGO uzisiza kakhulu ngokuthi zithole noxhaso lwezimali ukuze zizokwazi ukufesa izinhloso zazo zokuthuthukisa umphakathi. Kanti uphinde abe ngumuntu olwela amalungelo omphakathi njengoba ezibandakanya nezinto ezilwisana nokuhlukunyezwa kwabesimame kanye nezingane “Gender-Based Violence”. Abantu abafana naye umfoka Thabede ibona okumele impela sibagqokise umqele wesikhumba sengwe bechonywe nophaphe legwalagwala ngoba bazinikele ngokusiza imphakathi. Uma sikhuluma ngezinto kanye namabantu okumele sibatuse ngesihe sabo nokusebenza kwabo besiza umphakathi ibona abantu abafana noThabede okumele sincome ukuzikhandla kwabo. Uma sithi “Black excellence” asibhungi kuphela ngabantu abadume ngokuthi babonakale kumabonakude siphinde sizwe ngabo emisakazweni kuphela kepha ngisho nabo abantu esihlala nabo emphakathini bangamaqhawe ngezenzo zabo ezinhle.

Brief overview

When we talk about black excellence, we must look no further than our communities to celebrate our local heroes. This article acknowledges and celebrates the work of Mr Bhekani Thabede. He plays a significant role in service to community through the voluntary work he conducts in various underprivileged communities throughout KwaZulu-Natal. He is not only a beacon of hope but also a social justice ambassador through using his time, expertise and resources to empower communities.

Leave a Comment