Ukuzithanda nokuzilungisa

Impilo isishintshe kakhulu uma ubheka izindlela zokuzilungisa nokubukeka umuhle. Inqephu (fashion), ukulungisa ikhanda (hairstyle), ukugqobhoza (piercing), amatatto kanye nemakeup sekuwusiko mpilo olusemgangathweni esikhathini samanje. Sekuyimvela kancane ukubona umuntu ongakwenzile noma okukodwa kwalezi zinto emzimbeni wakhe. Ake sibheke ukubaluleka noma ukuba sesitayeleni kwalezi zindlela zokuzilungisa kakulukazi kubantu abasha. Ezokuxhumana ikakhulukazi YouTube, Instagram, no Facebook ilapho intsha … Read more

Ungaduki elokishini

Impilo yaselokishi bathi imnandi ayifani neyasedolobheni. Kwesinye isikhathi uye ubone sengathi izinto zenziwa ngokufana kepha uma usubhekisisa ubone umehluko lapha nalaphaya. Ukugibela amatekisi impilo yemihla ngemihla emalokishini ngisho ungaya kwesiphi isifundazwe eMzansi. Ukumisa noma ukusayinela itekisi kungayinto ongayinaki kepha ungazithola usudukile noma ususendaweni obungaqondile ukuya kuyona uma uphambanisa amasayini/ indlela yokumisa. Lokhu into ongayithatha kancane … Read more

Ukulungiswa kwezinwele

Kusukela emandulo ukuzithanda nokulungisa izinwele zethu thina bantu bendlu ensundu kuyinto esegazini. Uma ubheka umlando nendlela izinwele ezilukwa noma zilungiswa ngayo kwehlukile kwezinye izinhlanga. Uguquko lokuhamba kweminyaka kutshengisa ushintsho nokwephucuzeka ekulungiseni kwezinwele (zulu hairstyle). Ukulungiswa kwezinwele kuhamba nosiko mpilo (culture) lwabantu kanye nobunikazi uqobo (identity). Izitayela ezinjengamagonda (box braids), amadredi (dreadlocks) kanye nokugunda ikhathi (afro- … Read more

Ubuhle nemakeup

Ukuzithanda nokuzipopothatha yinto eyaqala kudala. Esikhathini samanje ukuzilungisa nokufakwa kwemakeup sekuhamba phambili ngendlela eyisimanga. I-makeup yenzelwe ukushintsha noma ukwengeza indlela obukeka ngayo. Imakeup isiyingxenye yempilo esemgagathweni kakhulu kubantu besifazane nabanye besilisa. Indlela ethandwa ngayo abanye abantu abasakwazi ukuhlala ngaphandle kwayo. Kwezokuxhumana ( Facebook, Instagram and Twitter) baningi abantu abatshengisa noma abafundisa izindlela ezahlukene zokufaka imakeup. … Read more

Ubizo, osaziwayo nokushintsha kwesikhathi

Indlela yokuphila iyashintshashintsha, isikompilo alisefani njengesikhathi sobabamkhulu. Ukuba nobizo lokwethwasa nokuba isangoma bekuba into enkulu nengavamile ukuba yenzeke noma yamukeleke kalula. Esikhathini esiphila kuso kubukeka banda abantu abathi abanobizo, kusukela kubantukazana kuya kosaziwayo. Kuleli likaMthaniya sike sabona sikhula isibalo sosaziwayo abamukele ubizo lokwethwasa, babe izangoma. Singabala osaziwayo abanjengo Kelly Khumalo, Boity Thulo, Zodwa Wabantu, Baby … Read more

Utshwala besiZulu buyelapha

Esikhathini esiningi uma sigula sike sijahe ukubona odokotela ukuze beselaphe. Uma sibona ukuthi imithi kadokotela ayithi shu, ilapho ke esiqala khona ukufuna usizo oluseceleni. Utshwala ikakhulu ubeer nogologo kuvame ukuthi sixwayise ngabo nobugozi obubudala emzimbeni. Kepha ubuwazi ukuthi utshwala besiZulu buyelapha izilonda eziba ngaphakathi emzimbeni (ulcers)? Uma uphethwe ama-ulcer ikakhulu awesisu (stomach ulcers) ziningi izinto … Read more