Isidwaba sikaMakoti

Uma kudlule umakoti ekhaya noma umama obeganile, uyaye agqokiswe isidwaba sakhe. Uma umakoti egqokiswa isidwaba kuhlatshwa imbuzi kushiswe nempepho. Kubikwa kwabadala ukuthi kuzogqokiswa umakoti walayikhaya ongasekho isidwaba, okuyinqubamgomo ngoba uma kuzoba khona umcimbi wesintu ekhaya kubekwa kwabadala kuqala. Uma kugqokiswa umakoti ongasekho isidwaba kuhlatshwa inkomo yokumugeza kuqala. Uma isihlatshiwe lenkomo ilala usuku olulodwa, ngakusasa ivuke … Read more

Ukunikwa Isihlangu

Umuntu onikwa isihlangu umuntu wesilisa wasekhaya osuke esedlulile emhlabeni. Kuyaywe kuqalwe ngokuthi agezwe, okuzochazwa kabanzi ngakho ngenzansi. Emva kokuba esegeziwe kulindwa isikhashana mase enzelwa isihlangu sakhe. Ngokujwayelekile uma kudlule umuntu emhlabeni kuyisiko ukuthi agezwe ngokwesintu, uma kuzogezwa umuntu kuhlatshwa imbuzi kuqala, kushiswe nempepho kubikwe kwabaphansi balowo muzi ukuthi kuzoba nomsebenzi wokugezwa kwelungu lomndeni elingasekho emhlabeni. … Read more

Ihlambo

Ihlambo lenzelwa umuntu obethanda ukuzingela ongasekho emhlabeni. Uma kunomcimbi wehlambo kuhlatshwa imbuzi yokubika kuqala kwabaphansi ukuthi kuzoba nehlambo likabani, kushiwo igama lakhe uma kushiswa impepho emsamo. Emva kwalokho kuhlatshwa inkomo yalo ihlambo esuke izodliwa.   Uma kuzoba nehlambo kutshelwa amaphisi azozingela ngakusasa ngelanga okuhlatshwa ngalo inkomo ukuthi azozingela ngelanga elilandelayo ekuseni. Ngakusasa ekuseni lawomaphisi adlula … Read more

Umkhosi womhlanga – Ukuhlolwa kwezintombi

Ukuhlolwa kwezintombi ezinye zezinto thina sizwe samaZulu esiziqhenya ngakho futhi esikubungazayo. Umkhosi womhlanga ugujwa njalo ngonyaka esigodlweni seSilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini Zulu uMntwana kaMageba Enyokeni kwaNongoma. Kusuka izintombi ezisuka ezigodini ezahlukene zize kulomkhosi. Izintombi ziyaye ziphathe umhlanga zithathe¬†uhambo oluncane la ezisuka ziyobuka khona. Uma umhlanga ungaphukanga ohanjweni intombi iwuphethe, kusho ukuthi iyintombi nto.   … Read more

Umemulo

Umemulo ila kusuke kukhuliswa futhi kubongwa intombazane ngokuziphatha kahle yaze yafika esigabeni esithile sempilo, okulawulwa iminyaka yayo intombazane. Ngokujwayelekile kumuliswa intshikizane esuke isineminyaka engamashumi amabili nanye noma nambili kuyaphezulu.   Uma umnumzane ezomulisa indodakazi yakhe eziphathe kahle, uyaye ayihlabele inkomo yomemulo kodwa ngaphambi kokuba kwenziwe lokho, uyaye ahlabe imbuzi ebike emsamo kwabadala emadlozini asekhaya ukuthi … Read more

Umculo Wesintu

  Thina sizwe esinsundu ziningi izinto esizigqaja ngazo nesizithwele ngeqoma ezingamasiko ethu. Izinto esizibungazayo yimicimbi yesintu, imvunulo esihloba ngayo emicimbini ehlukene, ukudla esikumayayo kwesintu kanye nomculo wesintu. Lawa amaciko acikoza ngawo amaZulu.   Ziningi izinhlobo zomculo wesintu thina sizwe sikaZulu esiziqhenya siphinde sizigqaje ngawo. Kulezo zinhlobo zomculo wesintu kubalwa isicathamiya, umbhaqanga, imvunge, umasikandi kanye neminye … Read more