Imvunulo Yentombazane

Intshikizane noma intombazane eneminyaka eyishumi kuya phezulu iqala ukuphuma amabele amancane. Lesigaba sibizwa ngokuhlosa, lamabedlana abizwa ngokuthi izilinga. Izilinga lezi zishaywa ugogo ngomshanelo ekhuza umhlola ziwathuka, okuthi emva kwezinsukwana ayancipha aphele. Emva kwalokho abadala bakuloyomkhaya bayabhunga ukuthi isikhulile leNtshikizane kumele yenzelwe umutsha. Umutsha lona isembatho sentombazane esencane. Umutsha uthungwa ngamaqanda esihlahla noma izinhlamvu ezimila kwisihlahla … Read more

Imvunulo yeTshitshi

Imvunulo yetshitshi Njengoba ekuqaleni sibhunge ngokwembatha kwengane kanye namantombazane, njengamanje sesidlulela kwimvunulo yetshitshi. Itshitshi yintombazane esuke isiqala ukuhlosa iphuma amabele, esikhulile futhi esuke isithomba. Itshitshi nalo njengentombazane limbatha umutsha kodwa-ke lona liwufaka nesigege umutsha. Isigege sithungwa ngobuhlalu sibe isibebana. Itshitshi umutsha liwubhinca phezukwe kweqweqwana elibizwa ngepensee. Ipense lona lakhiwa ngamagxolo esihlahla umthombe. Lamagxolo ayaxetshulwa emva … Read more

Imvunulo Yesintu

Imvunulo Yesintu Zonke izizwe nezinhlanga zinendlela ezigqoka ngayo noma ezihloba ngayo. Lokhu kuhambisana namasiko, nemikhuba kanye nemithetho yalesosizwe. Ukuhloba ngemvunulo yindlela yokuzigqaja nendlela yokubhinca yesiko lezizwe ezahlukene ezihlonipha amasiko azo. Nathi-ke sizwe sikaPhunga noMageba sika Zulu sinendlela esihloba ngayo. Ukuhloba kuyigugu kithi futhi sizishaya isifuba ngakho, ngoba ngisho nasemidlalweni kanye nasemigidweni kuhlotshwa ngemvunulo. Ukuvunula kweSintu … Read more

Ukungcweka

  NgokwesiZulu abafana noma amabhungu aya ekwaluseni lapho asuke eqaphe khona imfuyo yabaNumzane, baqapha izinkomo ukuze zingadli zishaye ziqothe imbokodo nesisekelo emasini. Uma lamabhungu esekwaluseni kunemidlalo abayidlalayo abachitha ngayo isizungu. Eminye yayo eyokuzilolonga. Lemidlalo kubalwa kuyo ukuhlaba insema, ukubhukuda, ukubhasha kanye nakho ukungcweka, ukubala imidlalo embalwa. Ukungcweka umdlalo wezinsizwa namabhungu amancane abawudlala ekwaluseni, uma kungcweka … Read more

Isidwaba sikaMakoti

Uma kudlule umakoti ekhaya noma umama obeganile, uyaye agqokiswe isidwaba sakhe. Uma umakoti egqokiswa isidwaba kuhlatshwa imbuzi kushiswe nempepho. Kubikwa kwabadala ukuthi kuzogqokiswa umakoti walayikhaya ongasekho isidwaba, okuyinqubamgomo ngoba uma kuzoba khona umcimbi wesintu ekhaya kubekwa kwabadala kuqala. Uma kugqokiswa umakoti ongasekho isidwaba kuhlatshwa inkomo yokumugeza kuqala. Uma isihlatshiwe lenkomo ilala usuku olulodwa, ngakusasa ivuke … Read more

Ukunikwa Isihlangu

Umuntu onikwa isihlangu umuntu wesilisa wasekhaya osuke esedlulile emhlabeni. Kuyaywe kuqalwe ngokuthi agezwe, okuzochazwa kabanzi ngakho ngenzansi. Emva kokuba esegeziwe kulindwa isikhashana mase enzelwa isihlangu sakhe. Ngokujwayelekile uma kudlule umuntu emhlabeni kuyisiko ukuthi agezwe ngokwesintu, uma kuzogezwa umuntu kuhlatshwa imbuzi kuqala, kushiswe nempepho kubikwe kwabaphansi balowo muzi ukuthi kuzoba nomsebenzi wokugezwa kwelungu lomndeni elingasekho emhlabeni. … Read more