Imvunulo Yesintu

Imvunulo Yesintu Zonke izizwe nezinhlanga zinendlela ezigqoka ngayo noma ezihloba ngayo. Lokhu kuhambisana namasiko, nemikhuba kanye nemithetho yalesosizwe. Ukuhloba ngemvunulo yindlela yokuzigqaja nendlela yokubhinca yesiko lezizwe ezahlukene ezihlonipha amasiko azo. Nathi-ke sizwe sikaPhunga noMageba sika Zulu sinendlela esihloba ngayo. Ukuhloba kuyigugu kithi futhi sizishaya isifuba ngakho, ngoba ngisho nasemidlalweni kanye nasemigidweni kuhlotshwa ngemvunulo. Ukuvunula kweSintu … Read more

Ukungcweka

  NgokwesiZulu abafana noma amabhungu aya ekwaluseni lapho asuke eqaphe khona imfuyo yabaNumzane, baqapha izinkomo ukuze zingadli zishaye ziqothe imbokodo nesisekelo emasini. Uma lamabhungu esekwaluseni kunemidlalo abayidlalayo abachitha ngayo isizungu. Eminye yayo eyokuzilolonga. Lemidlalo kubalwa kuyo ukuhlaba insema, ukubhukuda, ukubhasha kanye nakho ukungcweka, ukubala imidlalo embalwa. Ukungcweka umdlalo wezinsizwa namabhungu amancane abawudlala ekwaluseni, uma kungcweka … Read more

Isidwaba sikaMakoti

Uma kudlule umakoti ekhaya noma umama obeganile, uyaye agqokiswe isidwaba sakhe. Uma umakoti egqokiswa isidwaba kuhlatshwa imbuzi kushiswe nempepho. Kubikwa kwabadala ukuthi kuzogqokiswa umakoti walayikhaya ongasekho isidwaba, okuyinqubamgomo ngoba uma kuzoba khona umcimbi wesintu ekhaya kubekwa kwabadala kuqala. Uma kugqokiswa umakoti ongasekho isidwaba kuhlatshwa inkomo yokumugeza kuqala. Uma isihlatshiwe lenkomo ilala usuku olulodwa, ngakusasa ivuke … Read more

Ukunikwa Isihlangu

Umuntu onikwa isihlangu umuntu wesilisa wasekhaya osuke esedlulile emhlabeni. Kuyaywe kuqalwe ngokuthi agezwe, okuzochazwa kabanzi ngakho ngenzansi. Emva kokuba esegeziwe kulindwa isikhashana mase enzelwa isihlangu sakhe. Ngokujwayelekile uma kudlule umuntu emhlabeni kuyisiko ukuthi agezwe ngokwesintu, uma kuzogezwa umuntu kuhlatshwa imbuzi kuqala, kushiswe nempepho kubikwe kwabaphansi balowo muzi ukuthi kuzoba nomsebenzi wokugezwa kwelungu lomndeni elingasekho emhlabeni. … Read more

Ihlambo

Ihlambo lenzelwa umuntu obethanda ukuzingela ongasekho emhlabeni. Uma kunomcimbi wehlambo kuhlatshwa imbuzi yokubika kuqala kwabaphansi ukuthi kuzoba nehlambo likabani, kushiwo igama lakhe uma kushiswa impepho emsamo. Emva kwalokho kuhlatshwa inkomo yalo ihlambo esuke izodliwa.   Uma kuzoba nehlambo kutshelwa amaphisi azozingela ngakusasa ngelanga okuhlatshwa ngalo inkomo ukuthi azozingela ngelanga elilandelayo ekuseni. Ngakusasa ekuseni lawomaphisi adlula … Read more

Umkhosi womhlanga – Ukuhlolwa kwezintombi

Ukuhlolwa kwezintombi ezinye zezinto thina sizwe samaZulu esiziqhenya ngakho futhi esikubungazayo. Umkhosi womhlanga ugujwa njalo ngonyaka esigodlweni seSilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini Zulu uMntwana kaMageba Enyokeni kwaNongoma. Kusuka izintombi ezisuka ezigodini ezahlukene zize kulomkhosi. Izintombi ziyaye ziphathe umhlanga zithathe uhambo oluncane la ezisuka ziyobuka khona. Uma umhlanga ungaphukanga ohanjweni intombi iwuphethe, kusho ukuthi iyintombi nto.   … Read more