Thokozani Langa

UThokozani Langa odume kakhulu ngelikaSomnandi endimeni yomculo wesintu, uMaskandi/uMbhaqanga uzalwe ngomhlaka 09 Februwari 1972. USomnandi uzalelwe eMahlabathi bude buduze neDolobha uLundi, Kwa-Zulu Natal, eNingizimu Afrika. UThokozani Langa ukhiphe icwecwe lakhe lesithathu ngaphansi kwenkampani yakwa Bula ngonyaka ka-2004, kanti ke isihloko sale-album sasithi i-Protection Order. Maningi ke ama-album amenze wathandwa abalandeli bakaMaskandi futhi amenza wavelela nasemsakazweni … Read more

IBunny Chow

Idolobha laseThekwini idolobha ilehlobe kakhulu ngezizwe ezahlukene kanye namasiko azo. Kahle kahle nje singasho nje ukuthi indawo yaseThekwini ingenye yezindawo zokuvakashelwa uma ungumuntu othanda izinto nokufunda ngezinye izinhlanga kanye nendlela eziphila ngayo. Uma ukuleli dolobha singasho nje ukuthi indawo enhle kakhulu uma ungumuntu othanda ukudla nokwazi ngokuhla okuhlukile kwezinhlanga ezihlukene. Abohlanga lwaseNdiya banezinhlobonhlobo zokudla kwabo … Read more

Luselude ukhalo nge “Decolonization” yezilimu zabomdabu

Kubukeka sengathi impi engenamkhawulo lena yokulwela ukuthi izilimu zakithi zomdabu zihlonishwe nazo zibekwe kwizinga ezikulona. Ingaphezulu kwamashumi amabili nesikhombisa iminyaka abamnyama kuthiwa bakhululeka eNingizimu Afrika kepha kuncane kakhulu okutshengisa ngampela ukuthi sikhululekile. Kwezomnonto namanje indlu ibulawa inkemane awukho umehluko otheni, ngisho kwizinqumo ezinkulu nezincane abomdabu basele emumva njengezinqa impela. Uma kukhulunywa nangezinto ezithinta amalungelo abantu … Read more

EThekwini Top Shisanyama

ITheku lingaba yini ngaphandle kwezindawo zokungcebeleka lapho singabala khona ezokudla, okuphuzwa kuzo amanzi amponjwana kanye nezokuphola nje. Phela kuleli dolobha kusuka izivakashi eNingizimu Afrika yonke ngisho nangaphandle zizongcebeleka. Alukho uhlobo lwendawo yokungcebeleka olungekho, ingakho ngisho phakathi nesonto uthola izindawo zokucima ukoma nokudla zigcwele abantu. Ziningi ke izindawo ezidayisa ukudla okuhlukene kwabathanda ukudla. Ikakhulukazi kulezi ezidayisa … Read more

Siyakwamukela olimini lwesiZulu!

Sawubona! Lokho ukubingelela ngesiZulu, isifundo sethu esisha solimu, siyakwamukela emndenini wesiZulu wakwa Duolingo. IsiZulu ingxenye yomndeni wethu obalulekile: Umndeni wolimu! Funda ukuze ufundiseke ngemindeni yolimu kanye nokwenza ulimu lwesiZulu lwehluke kwezinye izilimu! Ingabe khona yini umndeni wolimu? Indlela efanayo abantu ababa nayo nezihlobo zemindeni eseduzane nekude, izilimu ziyahlobana zisuka kukhokho oyedwa ongumsunguli wazo. Isibonelo nje umndeni … Read more

Inkolelo ngamatattoo

Kungaba yihlazo uma kungathiwa esikhathini samanje kusenabantu ababambelele ezinkolelweni zakudala abangafuni nhlobo ukufunda ngezinto ezintsha. Indlela yokuphila isihlukile kakhulu kunaphambilini, lokhu kwenziwa ukuthi siphila nabantu abahlukene, abakholelwa ezintweni ezingafani kanye nabenza ngendlela engafani nabanye. Ekuqaleni bekuyinto engajwayelekile ukuthi indoda iluke ekhanda, igqoke amacici noma yenze izinto ezaziwa njengezabe simame kepha manje amadoda aseyakwenza lokho. Ngisho … Read more