Author Archive | Nkosikhona Duma

Ukuhumusha nokutolika

Njengomuntu olukhonzile ulimi, ngike ngizihluphe ngokufisa ukwazi kabanzi ngamagama nokusetshenziswa kwawo olimini. Ngenkathi ngizifundela ngokwami, ngihlangane nolwazi ngamagama amabili ebengikaze ngilunake ngaphambi kokuhlangana nemibhalo kaBongiwe Mthethwa, ewuveza kahle umehluko phakathi kwalamagama. Ngikhuluma ngegama lokuthi ‘ukutolika’ nelokuthi ‘ukuhumusha’. Ngokuchaza kukaMthethwa, ukuhumusha nokutolika, yize kucishe kufane, kunomehluko obalulekile okumele uqondwe abathandi nabasebenzisi bolimi. Imibhalo kaBongiwe Mthethwa (2010) […]

Continue Reading

Isishameni

Umuntu ufunda akaphezi. Uthi bewazi ukuthi kukhona uhlobo lomdanso wesizwe obizwa ngokuthi isishameni? Lalela-ke! Kahle kahle, isishameni singabizwa nje ngokuthi uhlobo lwendlamu olwaqumbuka endaweni yaseMsinga. Igama elithi isishameni lisuka egameni lomfula, Ushameni, odlula khona endaweni yaseMsinga. Ukuze uthole isithombe, sishicilele i-video lapho abafundi baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal begida isishameni ngengoma ethi Iza mngoma niyavuma. Article Overview This […]

Continue Reading
Loktion Boyz - Iqembu leGqom laseHammarsdale

Loktion Boyz: Iqembu leGqom

Igqom uhlobo lo mculo olungaconseli phansi entsheni yaseNingizimu Afrika. Kanjalo-ke, igqom ithandwa futhi ikhiqizwa ibona abantu abasha. Abanandisi abanjengeqembu i-Distruction Boyz, uBusiswa noBabes Wodumo ngabanye abantu asebethole eningi impumelelo empilweni ngogubhu lwegqom. Kwazise phela ukuthi ugubhu lwegqomu luyingxenye yempilo emalokishini amaningi akuleli kulesi sikhathi samanje. Kuneqembu laseHammarsdale, eNyakatho-Ntshonalanga yendawo yomasipala weTheku, elizibiza nge-Loktion Boyz. Leli […]

Continue Reading

Ugubhu lwaseBurundi eThekwini

Ukusuka kwabantu emazweni abo bexoshwa izingqinamba zamazwe abo baye kwamanye ngoba befuna impilo engcono into ekade yaqala, indala cishe kunawo wonke umuntu ophila kulesikhathi samanje. Impela kubukeka sengathi ngeke futhi kuphele uma kusekhona amazwe angenabo ubulungiswa futhi abantu bakhona bengenawo amathuba. Kuke kwenzeke-ke ukuthi abantu uma bethutha ezweni labo, beya kwelinye bakwenze ngobuningi ezweni noma […]

Continue Reading

Abantu bebala elinsundu babephucuzekile kwasekuqaleni!

Sekukaningi ngizwa inkulumo ehlose ukubabaza ukuhlwithwa komhlaba wabantu abansundu njengento okwathe mayiphela yashiya impucuzeko. Into eyingozi ngalenkulumo wukuthi iveza sengathi abantu abansundu babengathuthukile futhi babengenakuthuthuka ngaphandle kokufika kongxiwankulu kwelikamthaniya. Umlando uyakuveza kakhulu ukuthi ukutshala nokufuya kwadlala indima enkulu kakhulu entuthukweni yamazwe ngamazwe. Abalobi bomlando baveza ukuthi ingakacatshangwa nhlobo le yokwakha imikhumbi nokufisa ukwazi kabanzi ngezinye […]

Continue Reading

Yekani ukubulala abantu abane-Albinism!

Imibiko yamaphephandaba ithi cishe sebengamakhulu amabili abantu abane-Albinism asebebulewe ngesihluku kufunwa inyama nezitho zabo zomzimba kuleminyaka eyishumi eyedlule emazweni aseningizimu yezwekazi i-Africa. Ngeshwa kunabantu abasonomkhuba omubi, onyanyisayo, onyantulisa igazi. Ngikhuluma ngamanyala okubulala abantu abane-Albinism ngenxa yokukholelwa ukuthi inyama yabo inenhlanhla. Abanye baphinde bakholelwe ukuthi bangalapheka esifweni sengculaza uma belala ngokocansi nomuntu one-Albinism. Sekukaningana kuqinisekiswa ukuthi […]

Continue Reading