Amandla Embokodo

Umculo wesintu ugcwele kakhulu abantu besilisa, singasho nje ukuthi yinkundla yezinsizwa namabhungu. Kuleminyaka eyedlule abe mancane amaqembu omculo wesintu aphethwe imbokodo, kungesikho ukuthi ivalelwe ukuphatha amaqembu kodwa kungukuthi eningi ayizifakeli inselelo yokuba abaholi bamaqembu. Okuhle esikubona esikhathini samanje ukubona abesimame, izintombi kanye nabo omama abadala kulendima begqugquzela ukuthi imbokodo izibandakanye emculweni wesintu. Maningi amaciko esintu esimame acula lomculo okuhle ukuthi esikhathini samanje, sokusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana, umsebenzi wabo ususabalala kalula utholwe abantu. Lokhu kuveza ngisho amaciko amasha angenawo amandla okukhokhela izinkampani zokukhangisa ukuze umsebenzi wabo usabalale. Okuhle kakhulu futhi ukuthi iqhiza nendima esidlalwe imbokodo emculweni wesintu liyabonakala futhi liyatuswa kakhulu.

Maningi amaqembu omculo wesintu adumile aholwa ngabesimame, lapha singabala nje amaqembu afana Amatshitshi Amhlophe uma siqala kumaqembu amadala. Kube Izingane Zomama, Imithente, Buselaphi, Izintombi zikaMjaphani, nazo Izingane Amakhosi. Bese kuthi kulaba abasha kulendima kukhona uGlama kaMaskandi, uNdoni umsebenzi wakhe ozikhulumela yena, Vumile Mngoma kanye nabanye amagalelo abo aziwayo. Akugcini nje ngokuthi izintombi zicule kodwa zikhona neziyizimbongi ezisebenzisana nawo amaciko esintu esingabala kuyo uNabelihle Imbongikazi kaMaskandi edume kakhulu ezingomeni zika S’cebi Inkos’ Yamagcokama Dlamini akasebenzisana naye kakhulu kulomculo. Amandla embokodo emculweni wesintu nakwizinto ezithinta isintu makhulu kakhulu futhi abesimame bahlonishwa kakhulu ingakho kungamangazi ukubona amaqembu omculo esintu efolosa ngayo imbokodo futhi echuma ngokwenza njalo.

Brief overview

This article recognises and acknowledges the role that women have played in making the traditional music genre the force that it is right now. There are maskandi groups that have, over the years, been made strong by the women in them. It is therefore important to acknowledge the positive role women have played in the music industry.

Leave a Reply