Abathungisi benqephu

Uma kuziwa kunqephu nokuzimisela abantu besifazane bayazifela. Kuye kuthiwe uma ubukeka kahle uzizwa kahle ( when you look good you good). Lokhu kufakazelwa umuntu uma egqoke kahle uye ubone noma ehamba ukuthi ayi cha uzizwa ngaphakathi.

Angiphathi uma kuke kwaba nomcimbi umshado, umembeso noma ama-awards thizeni inqephu ephuma lapho idla lubi. Abanye bathanda ukuthungisa impahla ehlukile engeke ifane neyomunye abaye bathenge ezindaweni ezikhethekile. Kepha ngeke sizincome ukugqoka kahle bese sishiya abasigqokisayo noma abathungi benqephu.

Abathungisi benqephu (fashion designers) abazinze eThekwini bakhombisa ukusimama ngaphandle kokubalekela kwezinye izifunda, eGoli noma eCape Town. Uma ufuna ukuthungisa noma ukuthenga kubathungi baseThekweni ungabheka lama designers.

Amafashinista asemkantshubovu nabathungi abasebancane ashintshe ama designer e-Afri chic noma African print ayenza igqokeke ngendlela yesimanje manje (modern-take). Ukuveza kafushane amadesinger ahlukene adlala indima yokusigqokisa sibe bahle azinze eThekwini ngibheka ‘The Fifth’ ephethe amadesigner aziwayo kwezefashini.

I- ‘The Fifth’ iphethe amafashion designers sibala uKwenzekile “Kwenzi” Nkomo weHouse of Indoni, Nokwanda Ngcono we-8th Wanda, Sibu Msimang weSibi Msimang Designs, Mandi Zuma weNkosazane, Zama Gumede weZaviar Fashion House kanye noSilomo Ntombela weSilomo’s Boutique. Labathungisi (fashion designers) benza izimanga ngokubambisa kwezemfashini baphinde baqhakambise imfashini eThekwini. Lemboko yama designers avula isitolo ‘The Fifth’ ngoMashi 2020, sezimpahla abazithungisayo. Abanye babo sebeke baba ingxenye yeDurban Fashion Fair (DFF).

Article Overview

Women love dressing up and looking good. They say when you look good you feel good. This is self-evident. Whenever you see someone who is well dressed, it can even change they way they walk. We can’t look good and not praise the fashion designers for their job well done. The Fifth are fashionistas based in Durban who are flying the flag in the fashion industry. Follow them on Instagram to see more!

Leave a Comment