Abantu abasha abenza umehluko emphakathini

Amalungu eThuto Pele Organisation, okuyinhlangano engahlose ukwenza inzuzo futhi esebenzisana nezikole ezintulayo.

Abantu abaningi bakhula ngokuqwashiswa ngalamazwi:

Isandla esiphayo, sibusisiwe kunesamukelayo.

Kunamazwi anobuhlakani ake ashiwo uMaggie Doyne, intokazi yaseMelika ngenkathi ibungazwa ngomsebenzi wayo ewenza ezweni laseNdiya lapho inakekela izintandane kanye nezingane ezisweleyo.

Yasho la mazwi ngesiNgisi yathi:

“There is no time to waste. If you are educated and free, empowered and safe, you have to use your strength, your power, and your gifts to help the rest of our human family.”

Impela isikhathi sokunethezeka kasikho uma kusekhona ukwentuleka. Uma unethuba lemfundo futhi ufundile, unolwazi futhi unokuvikeleka, kumele usebenzise amandla akho neziphiwo onazo ukuze uthuthukise isimo salabo abasweleyo, njengokusho kuka-Maggie. Kanjalo, siqondisise isibusiso esithwelwe wukupha.

Ngenhlanhla iNingizimu Afrika ibusisiwe ngabantu abasha abakuqondayo lokhu. Abanye balabantu abasha abayizinkanyezi zezwe eziqhakazile amalungu e-Thuto Pele Organisation, okuyinhlangano yabafundi basemanyuvesi aKwaZulu-Natal. Le nhlangano ihlose ukuthuthukisa ngokwemfundo imiphakathi yaseNingizimu yeTheku.

Ngikhulume no-Pretty Khoza oyilungu lesigungu esiphezulu salenhlangano.

Kusukela ngesobunxele kuya kwesokudla: Amalungu eTPO, u-Pretty Khoza (ofundela ubummeli), uLungi Maluleka (naye ofundela ubummeli) noMpendulo Wela (ofundela i-Dental Therapy)

Nansi ingxenye yengxoxo yethu:

 

Nkosikhona Duma (ND): Yini iThuto-Pele Organisation?

Pretty Khoza (PK): iThuto Pele Organisation (TPO) inhlangano engahlose kwenza inzuzo phecelezi i-Non-Profit Organisation. Ibhekelele ukuthuthukisa ngokwezemfundo endaweni yaseMagabheni naseMgababa eNingizimu yeTheku.

I-TPO yasungulwa ngo-October kowe-2016, isungulwa ngabafundi basemanyuvesi aseThekwini emva kokuzithola benokukhathazeka ngokwehla kwezinga lokuphumelela komatikuletsheni, insambatheka ebhekene nesifundazwe saKwaZulu-Natal.

 

Le nhlangano inezinhlelo ezihlose ukuguqula le ngqinamba. Izinhlelo zethu zimi kanje:

  • Uhlelo lokufundisa :- loluhlelo lokufundisa lubhekelele ukulekelela abafundi bakamatikuletsheni ukuze bathole ukusizakala kulezizifundo abazithola zilikhuni.
  • South African Women Initiative :- loluhlelo lubhekelele ukulekelela abafundi besimame ukubanika okungabasiza ekwenzeni izinqumo ezifanele ekuphileni kwabo.
  • Debate Club :- inhloso yaloluhlelo wukuthuthukisa ukufunda, nokugqugqula ukuxoxa ngezihloko ezakhayo. Sikhuluma nje, sinomcimbi esiwuhlelile ngomhlaka 12  ku-August lapho izikole esisebenzisana nazo zizobe ziqophisana kwiNkulumo-mpikiswano.
  • Agricultural initiative :- iTPO ikholelwa kubuntu. Loluhlelo lubhekelele ukuthuthukisa umphakathi ngokusebenzisana nabaxhasi kanye nezikole ezakhiwe emphakathini ukuqinisekisa ukuthi izikole zibe nezingadi ezizonikezela ukudla kubafundi abaswele.
  • Maths Olympiad :- loluhlelo lubhekelele ukuvivinya abafundi olwazini lwabo ezibalweni okuzolekelela bona ukuthi kwande ulwazi lwabo ezibalweni.
  • Fundraising Team :- njengoba ke iTPO iyi-NPO okusho ukuthi alikho ilunga lenhlangano elenza inzuzo ngokusiza kwabo. Ngakho ke loluhlelo lubhekelele ukungenisa okusamali ezolekelela inhlangano ukubhekana nezidingo zomsebenzi wayo.

 

Abafundi baseMcothoyi, ezinye zezikole ezisebenzisana ne-TPO.

ND: Umsebenzi walenhlangano uzinze kuphi ngokwendawo?

PK: Lenhlangano isebenzela kakhulu eKZN. Isebenzisana nezikole ezingaphansi koMlazi District okwamanje okuyiSidelile High School kanye neMcothoyi High School.

 

ND: Ukuze umuntu abe yilungu yalenhlangano kumele enze njani?

PK: Ukuze ube yilungu lenhlangano yethu, kumele uxhumane nathi kwikhasi lethu laku-Facebook, ‘Thuto Pele Organisation-TPO’, usichazele ngamafuphi ngawe. Thina sibe sesiyaphendula, uma injongo yakho ihambisana neyenhlangano yethu, sibe sesihlela umhlangano nawe ukuze sixoxe kabanzi ngenhlangano nangengxenye ongayidlala.

 

ND: Ngicela usichazele ngomsebenzi esenike nawenza kulonyaka?

PK: Ekuqaleni kwalonyaka, amalunga eTPO ahlela enza iCareer Expo lapho baluleka abafundi bamatikuletsheni ekukhetheni izifundo zabo. Kakhulu balekelelwa ekugcwaliseni ama-CAO abo ukuze bangene eNyuvesi.

 

ND: Amalungu alenhlangano angabafundi basemanyuvesi kuphela? Kungabe asemkhakheni owodwa?

PK: Okwamanje wonke amalunga ethu angabafundi basemanyuvesi, kodwa sisahlela ukuzibandakanya nabanye abantu abasha, noma angabe abekho emanyuvesi. Amalungu ethu asemikhakheni ehlukahlukene.

 Sikubona kubalulekile nokho ukwehluka kwemikhakha enhlanganweni ukuze sidlulise ulwazi oluningana kubafundi esisebenzisana nabo. Lokhu kusiza kakhulu uma senza ama-Career exhibitions kulezikole esisebenzisana nazo.

Abafundi baseMcothoyi High School bathetshulwe isithombe noSiphamandla Maphumulo (ekugcineni ngakwesobunxele) noMpendulo Wela (ekuqaleni ngakwesokudla), amalungu esigungu esiphezulu se-TPO.

 

ND: Iziphi izinhlelo eninazo okwamanje?

PK: Sihlose ukuthi uhlelo lethu lokufundisa luzoya ngokuya lisebenzisane nezikole eziningana kanye namanye amabanga kusukela kweleshumi ukuya kweleshumi nambili. Siyafisa nokufinyelela kuzo zonhlanu izikole la emphakathini kodwa ke asikwazi ngenxa yenani lamalunga afundisayo elincane. Sihlose ukuthungatha uxhaso lokubhekana nezindleko ukuze sifeze injongo yethu.

Amalungu eTPO edlulisa uxhaso lwama-sanitary pads kwezinye zezikole le nhlangano esebenza nazo.

 

Ngibafisela ukuhle konke laba fundi besazama ukwenza umehluko omuhle lapho bengakwazi khona. Kanjalo, ngithi nabanye abagqugquzeleke, njengokusho kuka-Mother Theresa:

Do what you can, with what you have, where you are.”

 

_____________________________________________________________________________

The above article talks about the Thuto Pele Organisation, established by a group of tertiary students in KwaZulu-Natal. The founders derive from diverse academic backgrounds and are primarily in the study fields of medicine, engineering, physical sciences, humanities and law.

The NPO works in conjunction with three high schools from the Umlazi District of the KwaZulu-Natal Department of Education.

Its founders state that the organisation seeks to uplift and improve learners’ academic performance by providing free tutoring, community engagements as well as information on bursaries and scholarships. The organisation plans to expand its reach by adopting more schools and increase the number of volunteers within its ranks in the near future.

Leave a Comment