Funda ngolimi lwakho, efonini yakho / Learn in your language, on your phone

isiZulu Kubantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1.3 ezwenikazi lase-Afrika, ucabanga ukuthi bangaki abakhuluma isiNgisi, isi-French, isi-Jalimane noma olunye ulimi lwaseYurophu njengolimi lwabo lokuqala? Yize lezi zilimi zijwayelekile kwezamabhizinisi, ezemfundo, ezokukhangisa kanye ne-inthanethi, kungakumangaza ukwazi ukuthi u-0.5% kuphela wabantu base-Afrika abakhuluma isiNgisi njengolimi lwabo lwebele. Kusobala kukhona ukunganakwa kwezilimi zase-Afrika. Ingakho-ke iDiji – inkundla yokufunda nge-inthanethi ngezilimi zase-Afrika … Read more

USolwazi Malegapuru William Makgoba

USolwazi Malegapuru Makgoba, owazalelwa emakhaya eSekhukhune, esifundazweni saseLimpopo, unomsebenzi oncomekayo owathatha iminyaka engaphezu kwengu-30. UMakgoba, wavela ngokuzithoba waba yenye yezungqwele eNingizimu Afrika. Njengodokotela wezifo zomzimba, udokotela, ummeli wezempilo yomphakathi nokufunda, uMakgoba ukhombisa ukuzinikela okukhulu kwezesayensi yezempilo futhi ubambe iqhaza elibonakalayo kulo mkhakha. Umsebenzi wokuba uSolwazi waqala ngo-1976 ngesikhathi ethola iziqu ze-Bachelor of Medicine and Surgery … Read more

UMenzi Ngubane (2021 Best Actor)

Zihamba ngempela izinsizwa kusale zona izibongo, phela silahlekelwe kakhulu thina endimeni yezamaciko ngokuhamba kwensizwa uMenzi Ngubane ehambe emva kokugula isikhathi eside. Lensizwa ihambe nje ayaziwa amagalelo ayo endimeni kazikachitha isizungu njengoba phela ulingise emidlalweni emningi kamabonakude futhi eshaya into ecokeme. Noma esehambile umfokaMbomvu kepha amagalelo akhe asamile njengoba nje ehlabane ngendondo yokuba umlingisi ovelele I-2021 … Read more

Umlando waseThekwini

Kukhona into engenzeki ngendlela engenakugwenywa ngokunciphisa amakhulu eminyaka yomlando emakhasini ambalwa. Phakathi kokunye, ukuvezwa komlando kuyashabalala ngabantu ababamba iqhaza ekudabukeni kweTheku. Okunye, emphakathini onamasiko amaningi njengeTheku, imishungo eminingi ebambe iqhaza elibalulekile izowela eceleni kwendlela. Kepha mhlawumbe umongo omncane womlando uzobonakala ulusizo ezivakashini zedolobha lethu elihle abathanda ukulazi, ngandlela thile, ukuthi sifike kanjani lapho sikhona manje. … Read more

IMinenhle Broadcasting Academy

Umuntu ngeke umenze lutho ngento akabelwe yona emhlabeni, sonke sizalwa sifumbethe okwethu ezandleni kanti ke noma sikhula sikhula nezifiso zokuthi esikufisayo kube impumelelo futhi kufezeke. Abanye abantu baphiwe ukuthi bakwazi ukuziphilisa ngokuzisebenza, abanye babe abammeli abanye babe amaciko njalonjalo. Kuleli khasi ke sithi ake siphinde sibhunge ngentokazi esencane kakhulu kepha imisebenzi yayo ekhulile futhi edinga … Read more

Ukubekwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini

Sekuphinde kwasa nakithi KwaZulu, laphuma lazidela ilanga lakhanyisa ubumnyama obebusisengethe thina kwalokoza nethemba lekusasa eliqhakazile. Isimbuliwe ingubo emnyama ebesiyembathile njengoba sesibekiwe iSilo njengoba besilahlekelwe ubaba wesizwe emuva kokudunguzela kwaso iSilo Samabandla, uNgangezwe lakhe. Sithe sisazilele ukubekwa kweSilo kwabe sekubekwa ibambela ngoba phela isizwe sikaPhunga noMageba besingeke sihlale singenamqaphi sibe umhlambi kazelusile. Esikhundleni sebambela bekubekwe uNdlunkulu … Read more

Kunzima ngisho ukuthenga isinkwa

Isimo sobudlobongela, ukuntshontsha nokushiswa kwezitolo kanye nezindawo zamabhizinisi esiqale ngeSonto ebusuku esifundazweni KwaZulu Natal saze sathelela naseGoli sesibe nomthelela omubi kubahlali balezi zifundazwe. Ziningi izitolo kanye nezindawo zokugcina impala ezigqekeziwe kwantshontshwa izimpala. Amabhizinisi amancane nawo awasindanga kuloluthuthuva lokuhlaselwa kwezitolo, amaTuck shop emalokishini nawo abenenkinga efanayo. Izitolo zabokufika kuleli zithathwele izimpahla ama-container ashiywa omile, izitolo zomphakathi … Read more