Tag Archives | Religion

The ZCC badge worn by members of the church

The Zion Christian Church

Most people associate the Shembes with KwaZulu-Natal, but as the largest Christian denomination in South Africa, the Zion Christian Church also has a big following in KZN. Both the Shembes and the Zionists can trace their roots back to the Apostolic Faith Mission (AFM).  Isaiah Shembe was a member of the AFM for about a year in the Orange Free […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ukuhlambulula Idlozi Ngenkolo YamaNazaretha

Ngibe nengxoxo noMnumzane Bongani Dube owazalwa ngo 1963 Novemba 11, ezalelwa endaweni yaseNdwedwe esigodini sakwaHlophe eduze nomuzi wakwaShembe, Ehhomisi. Manje usehlala endaweni yaseNanda, eCongo. Ukuhlambulula izidalwa noma idlozi yilapho usuke ugeza abantu bakini abangasekho emhlabeni. Ngokwenkolo yamaNazaretha kuthiwa uyazihlambulula. Inhloso yokuthi izidalwa zihlanjululwe ukuthi azize kahle kulowomuntu, okuthi uma ngabe enza umsebenzi izinto zakhe zilunge […]

Continue Reading Comments { 2 }

Umshado Wentombi Nensizwa YaseNazaretha

Uma intombi nensizwa yaseNazaretha beganana kunemithetho okumele bayilandele ukuze umshado wabo uhambe kahle. Insizwa ikhetha intombi eyithandile, uma intombi ivumile iyabongwa ngesiphuzo esibandayo namakhekhe, konke lokhu kunikezwa umphathi wayo. Bese kuyahanjwa kuyocelwa ubuhlobo obuhle kubo kwentombi, kwendiwe bese insizwa nentombi baye kothola isibusiso enkosini eBuhleni ngokuthi bahlanganiswe ngokomshado kodwa basuke besazowuhlela umshado wabo omkhulu. Intombi nensizwa […]

Continue Reading Comments { 0 }

Umsebenzi kaMkhokheli ebandleni

Ezikhathini zakudala (kwezinye izindawo zasemakhaya kusenzeka lokhu) kwakukhona amaqhikiza, yiwo abeluleka amajongosi ngokuziphatha kahle. Ngokuhamba kwesikhathi kwafika abamhlophe, abafika nenkolo banxenxa abantu abamnyama enkolweni. Abantu baqala bahambela izinkonzo bebhincile ngokwesintu, kwathi ngokuhamba kwesikhathi baphipha izingubo zokugqoka bafundiswa nokufunda bathola namaBhayibheli. Ukushintsha kwabantu kwenza nokuthi indlela yokwenza izinto ishintshe. Njengesiko lamaqhikiza babona kubalulekile noma sebeyiwo amakholwa […]

Continue Reading Comments { 0 }

Umhlanganiso Ngokwebandla LamaNazaretha

Enkonzweni yamaNazaretha kunemithetho ebekelwe amakhosana (izinsizwa) kanye namakhosazane (izintombi), uma beyiphulile leyomithetho bayahlawuliswa ngokuthi bangangeni eThempelini baze bahlambuluke ngendlela yaseKuphakameni. Inkosazane ayivumelekile ukuthi iqome kanye nenkosana nayo ayivumelekile ukuthi iqonywe kodwa kunendlela ebekiwe yokuthi baganane baze bashade besazigcinile. Uma kwenzekile bawephula lomthetho bayahlawuliswa ngendlela yaseKuphakameni. Lapha sibheka uma inkosazane noma inkosana iganwa umuntu ongakhonzi ebandleni […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ukuhlukana Ngezigaba Nendlela Yokugqoka KwamaNazaretha Uma Eya Enkonzweni

Enkonweni yamaNazaretha kunendlela okugqokwa ngayo ngokwehlukana kwezigaba zakhona uma kuyiwa ezinkonzweni. Njengoba kunezigaba ezintathu, Inhlalisuthi, Amakhosazane kanye nomama. Inhlalisuthi Inhlalisuthi uma iya eSabatheni igqoka ibhulukwe elimnyama, ihembe elimhlophe kanye nokunye ngaphezu kwehembe, kungaba ibhantshi noma ijezi eliwuhafu ukuze ahlonipheke kahle. Uma kuyiSabatha inhlalisuthi kumele igqoke umNazaretha omude bese egqoka nomqhele ekhanda. Ngokomthetho inhlalisuthi kufanele ibhince […]

Continue Reading Comments { 0 }