Tag Archives | marriage

Umnyekezo

Umnyekezo inyama yangaphakathi ejwayelekile esingabala amathumbu amnyama namhlophe; usinyaka; itwani nosu. Lenyama inikwa leligama kuphela uma inkomo ihlatshelwe isiko lokugana. Kungaba inkomo yokuncama noma inkomo yomqholiso, inqobo nje uma kuyinkomo yokuganiselana. Lenyama idliwa ngesiko elithile njengokuthi ayidlelwa ekhaya, idlelwa ngaphandle komuzi, kubo kwentombi eganayo nasemzini lapho igana khona. Leligama elithi umnyekezo liyisiZulu esiqojeme ngoba. amakhosikazi […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ukuphuka Kwezinkomo Zelobolo

Kuyisiko ukuthi uma intombi ilotsholwa iseyintombi nto noma ikhulelwe ikade iyintombi nto kunezinkomo ezikhokhwayo eziqondene nomama kanye nezintombi. Kunenkomo ekhishwa isoka ebizwa ngokuthi isidikli noma umgezo wezintombi. Uma kukhulelwe intombi kuphuma izinkomo ezintathu ukuyovala ihlazo emzini womnumzane. Lenkomo ngeyokuqala okufikwa nayo ikhulekwe ngaphandle kwesango, ihlatshelwe khona kukhishwe inyongo, kuchelwe ngayo umuzi, izintombi ziyogeza ngenyongo yayo […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ngokwesintu Ukuhlukanisa Kwabantu Abaganene Akuvumelekile

Ngokwesintu bebengahlukanisi abantu uma kade sebeganene noma sebelobolene. Umakoti losuke egane kulowomuzi, akayena owendoda yakhe kodwa kusuke kungowedlozi lakulowomuzi ngoba uma kusaqala zonke izingxoxo zamalobolo idlozi liyabikelwa ngempepho abakubo kamkhwenyana nabakantombazane nabo bayabika empepheni nabo. Sizokhumbula ukuthi umakoti uma engeniswa emzini uthelwa ngenyongo okunguphawu lokumxhumanisa namadlozi omuzi njengomuntu ozogana noma ozovusa umuzi. Ziyabakhona izinto ezingenza […]

Continue Reading Comments { 0 }

Umshado nomuntu ongasekho

Lapha sibheka izindlela ezimbili zokushada nomuntu ongasekho. Eyokuqala yilapho eshona sekwenziwe wonke amalungiselelo noma omunye ashade kodwa engaqedanga ukukhipha izinkomo zamalobolo. Kuthi noma esefile kudingeke ukuthi umndeni wakhe noma amadodana akhe amqhubekela nokuyolobola komalume. Ukushada nomuntu ongasekho Ngokwesintu kunabantu noma imindeni ekholelwa ukuthi umshado awumiswa futhi awuhlehliswa, kuthiwa yibhadi ukuwumisa noma ukuhlehlisa. Njengokuthi uma eshona […]

Continue Reading Comments { 0 }

Umthetho Ngokuthi Umshado Uphumela Kuphi

Lapha sizobheka ukuthi umabo kanye nomshado omkhulu kumele uphumele kuphi. Abantu baKwaZulu izinto zesintu kanye namasiko ethu bawenze ngenye indlela ongaze udideke uma ungesiye owakhona. Omunye umuntu okhule ewazi amasiko ngendlela ayenziwa ngayo kodwa manje abantu indlela abawenza ngayo sebazishintsha izinto abantu ababenza ngayo uma benza izinto eziphathelene nokushada. Kodwa indaba ivamise ukuthi yonakale ngenkathi […]

Continue Reading Comments { 0 }

Umembeso

Umembeso wenziwa insizwa esuke isiganiwe lapho isuke ihambisa izipho ekhweni layo. Izipho lezi zisuke zibhekiswe kubazali bentombi kanye nasemndenini wayo. Umkhwenyana ubhala incwadi ayithumele ekhweni ukubazisa ngosuku azofika ngalo ukuzoletha lezozipho. Ngosuku lomembeso abakubo kwentombi bahlaba izimbuzi ezibizwa ngokuthi amakhambi. Lezizimbuzi kuhlatshiswa ngazo abakubo kamkhwenyana basuke bamukelwa umndeni wakubo kamakoti. Abakubo kamkhwenyana bambesa umakoti wabo […]

Continue Reading Comments { 0 }