Tag Archives | izithakazelo

Umlando wokuhlukana kwesizwe sakwaCele

Ntombifikile NgwaziIsibongo sakaCele singesinye sezibongo ezandile KwaZulu Natali, kunezincazelo ezahlukene ngemvelaphi yabantu bakhona. Sixoxisane noMama uNtombifikile Ngwazi owazalelwa endaweni yaseMzimkhulu esizweni sakwaCele wakhulela khona waze wangena esigabeni sokuthi agane waba nezi ngane eziyishumi nantathu manje sebezinze eThekwini. Basuka ngonyaka ka 1980 endaweni yaseMzimkhulu ngenxa yokuthi kwakuliwa njalo esizweni sakwaCele. Manje sebehlala endaweni yaseMtshebheni eNanda. Uthi […]

Continue Reading Comments { 0 }

Umlando WakwaMzimela Nezithakazelo Zabo

Izithakazelo Mzimela! Mnguni! Lwandle olungawelwa Luwelwa zinkonjane zona ezindizela phezulu Mahlab’ angadli Ngoba udl’ umkhonto Mwelase! Ongaweli ngezibuko! Owela ngempambuse zomfula Umaginind’ umuntu ngomkhonto UDlubu lwahlutshwa ekhasini Gumede! Mbizeni! Ntaka! Sheleza! Mzungwanya, Dimbani; Donda kaMlimandlela Mfuyi wamatshe, Mnguni ! Mfeka Abasab’ amacokana Nzungane kaMagxega KaNtonga yethusi. Lwazi, Maconi AbaZimela ngentonga yethusi Abafokazana bezimelelela ngomhlanga Umlando wabo […]

Continue Reading Comments { 4 }

S’yabonga Shezi family history

My name is S’yabonga Shezi and I am from Georgedale in Hammarsdale. My family clan are Zulus, my mother’s surname is Shezi and my father’s surname is Dlamini. I don’t know my grandfather from my father’s side because he passed away when I was only a couple of months old. The ritual practice that we […]

Continue Reading Comments { 0 }

Usiko Lomntwana LakwaGasela

Lena yingxoxo kaSibongiseni Gasela ohlala endaweni yaseNanda, wazalelwa futhi wakhulela endaweni yaseMtubatuba, KwaZulu. Ngemuva kokuqeda isikole khona weza eThekwini ukuzofuna umsebenzi. Abantu bakwaGasela baziwa ngoMdunge, Chiliza njalonjalo. USibongiseni usitshele ngosiko lakubo kwaGasela okungenzeka ukuthi luyafana nokwalesinye isibongo. Imindeni inezinto noma amasiko abawalendayo ngokwenqubo yabo njengokuthi ezinye izibongo zifaka iziphandla, zigcabe ebusweni ezinye zibhoboze ezindlebeni njalo […]

Continue Reading Comments { 0 }

Umlando Wokuhlukana Kwabantu BakwaNzama noChamani

Sibe nengxoxo noMama Nomusa Maphumulo ohlala endaweni yaseNanda eCongo. Uzalwa intombi yakwaNzama, usixoxele ngokuhlukana kwesibongo sakwaNzama noChamani. Ezikhathini zakudala kwakuvamise ukuthi kube nempi yezigodi okwakwenzeka kuliwe ngoba kubangwa ubukhosi kanye nabantu. Naliphi inqadi laliba nezinsizwa ezikhethelwa impi ekuyothi mhla impi iyohlangana zikhishwe izinsizwa ukuyolwa. Izingane nomama babesala emakhaya bazilungisele ukucasha uma sihlulwa isigodi sabo. Uma […]

Continue Reading Comments { 0 }

Umlando Wezindawo Ezadliwa Ngabamhlophe Ngempi Yamakhanda

Impi Yamakhanda yaliwa njengoba kwaziwa ukuthi yaliwa izwe lonke laKwaZulu kodwa kwagcina kuwine amaNgisi lapho aqala ukuthi ashaye imithetho yawo. Babezidla izindawo zamanye amakhosi bazinike amanye bhusende njengendawo kaLubhudlungu kaFaku. Enye ayidabula ayinikeza abamhlophe ukuba bayenze amapulazi. Wagcina ebanjiwe uLubhudlungu waboshwa, wakhothamela ejele. Abanye esingababala abahlomula ngaleyondawo ngabakwaSibisi, abakwaSithole nabakwaNgobese. Indawo yakaGezahlale noma Hlazakazi yona […]

Continue Reading Comments { 0 }