Tag Archives | Izinkolelo zesintu

Ngokwesintu Ukuhlukanisa Kwabantu Abaganene Akuvumelekile

Ngokwesintu bebengahlukanisi abantu uma kade sebeganene noma sebelobolene. Umakoti losuke egane kulowomuzi, akayena owendoda yakhe kodwa kusuke kungowedlozi lakulowomuzi ngoba uma kusaqala zonke izingxoxo zamalobolo idlozi liyabikelwa ngempepho abakubo kamkhwenyana nabakantombazane nabo bayabika empepheni nabo. Sizokhumbula ukuthi umakoti uma engeniswa emzini uthelwa ngenyongo okunguphawu lokumxhumanisa namadlozi omuzi njengomuntu ozogana noma ozovusa umuzi. Ziyabakhona izinto ezingenza […]

Continue Reading Comments { 0 }

Zulu beliefs about the Praying Mantis

The praying mantis (isithwalambiza in isiZulu) is a little creature that is respected by the Zulu community. The Zulus refer to it as ugogo, meaning ‘the granny’. They believe it represents a female ancestral spirit. If this creature appears in a home of a Zulu person they believe that there is a message from the […]

Continue Reading Comments { 1 }

Zulu beliefs about the Chameleon

The Powers of the Chameleon The Zulu community is one of those communities with many beliefs. Some of the beliefs will be difficult to understand if you are not a Zulu culturally. But if one is afforded the opportunity of sitting next to a senior Zulu individual they will then see how serious the Zulus […]

Continue Reading Comments { 0 }

Usiko Lomntwana LakwaGasela

Lena yingxoxo kaSibongiseni Gasela ohlala endaweni yaseNanda, wazalelwa futhi wakhulela endaweni yaseMtubatuba, KwaZulu. Ngemuva kokuqeda isikole khona weza eThekwini ukuzofuna umsebenzi. Abantu bakwaGasela baziwa ngoMdunge, Chiliza njalonjalo. USibongiseni usitshele ngosiko lakubo kwaGasela okungenzeka ukuthi luyafana nokwalesinye isibongo. Imindeni inezinto noma amasiko abawalendayo ngokwenqubo yabo njengokuthi ezinye izibongo zifaka iziphandla, zigcabe ebusweni ezinye zibhoboze ezindlebeni njalo […]

Continue Reading Comments { 0 }

Usiko Lokugezwa Kwentombazane Eshonelwe

Ngokwesiko lesiZulu kulihlazo ukutholakala komntwana ngaphandle komshado. Uma kwenzekile intombazane yamthola yabe isiba neshwa lokuthi umntwana adlule emhlabeni noma aphuphunyelwe isisu, kumele intombazane igezwe kususwe ithunzi elibi. Uma ingagezwanga kunenkolelo yokuthi iba namabhadi ingalungelwa lutho empilweni, konke ekuzamayo akuphumeleli ngenxa yesinyama esuke ihamba naso. Kugezwa kanjani Intombazane kufanele igezwe kubo kamfana oyikhulelisile kuqala, iphinde igezwe […]

Continue Reading Comments { 0 }

Usiko Lokufakwa kwengane Esibongweni Sayo

Ngokwesiko lakwaZulu ingane etholelwe ekhaya abazali bayo bengagcagcile kumele ifakwe esibongweni sakubo ngokusemthethweni. Ngosuku lomgcagco kanina noyise, komalume wengane kuhlatshwa imbuzi kuthathwe inyongo yayo ichelwe ngayo, kushiswe impepho emsamo kubikwe emadlozini ukuthi ingane isiyaphuma isiya kubo kwayo. Ingane iphiwa izipho bese kuthathwa uhlangothi lwembuzi kuhanjwe nalo kuyiwe kubo kayise wengane. Abakubo kwengane bayihlangabeza esangweni nabo […]

Continue Reading Comments { 0 }