Tag Archives | Ikhaya

Umcimbi Wokubongwa Kwentombi Ngabasemzini

Umcimbi wombongo ngokuqonywa kwensizwa Ziningi izinto ezenziwayo uma abantu ababili sebeqomene ngaphambi kokuthi baganane, njengokumiswa kweduku, okungenzeka kubo kantombazane noma kubo kamfana. Lapha sibheka umcimbi wombongo noma wokubongwa kwentombi ngokuthi isiqomile emzini othile. Lomcimbi wenziwa uma selimisiwe iduku eliwubufakazi bokuthi abantu baqomene futhi ukumiswa kweduku kwenzelwa ukuthi abantu asebeqomene baphumele obala kwaziwe nasendaweni ngabo. Izindawo […]

Continue Reading Comments { 0 }

Zulu Homestead Design

Contents 1 Background 2 Purpose behind this design / plan 3 Advantages 4 IsiZulu summary Background The Zulu people are a gifted tribe known for their creativity and ingenuity. They used natural resources for sustaining themselves with food, clothing and shelter, etc. One of the olden designs of a Zulu homestead takes a circular shape. […]

Continue Reading Comments { 0 }

Usiko Lokufakwa kwengane Esibongweni Sayo

Ngokwesiko lakwaZulu ingane etholelwe ekhaya abazali bayo bengagcagcile kumele ifakwe esibongweni sakubo ngokusemthethweni. Ngosuku lomgcagco kanina noyise, komalume wengane kuhlatshwa imbuzi kuthathwe inyongo yayo ichelwe ngayo, kushiswe impepho emsamo kubikwe emadlozini ukuthi ingane isiyaphuma isiya kubo kwayo. Ingane iphiwa izipho bese kuthathwa uhlangothi lwembuzi kuhanjwe nalo kuyiwe kubo kayise wengane. Abakubo kwengane bayihlangabeza esangweni nabo […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ukuzigqaja

Eminyakeni lapho isizwe sisagcina amasiko ngendlela eyiyo, besiba nobudlelwano obubalekile nemvelo kanye nokwembethe umhlaba kanye nezilwane ezinhlobonhlobo.  Izilwane zasekhaya zidlale indima enkulu kusikompilo lwesintu. Impilo yazozonke izinsuku ukuba khona kwesilwane ekhaya bekuba wusizo olukhulu. Lokhu phela sikuthola uma sibuka indlela ebekuphilwa ngayo; ebekudingeka khona inyama noma uhlabile ubikela amathongo okuyiwo abheke umuzi ukuba ungachitheki kujabule […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ukuvuba Amasi Ngendlela Yakudala Emakhaya

Kudala amasi ayengathengwa esitolo njengoba sekwenziwa esikhathini samanje. Ayesengwa ekhaya ngoba kwakufuyiwe izinkomo zigcwele izibaya. Kwakuthi uma inkomo izele kujatshulwe ngoba kwakwaziwa ukuthi sekuzodliwa amasi okuyikona kudla okwakuthandwa kakhulu emandulo. Ukusenga Inkomo esengwayo yayingalali nethole esibayeni ngoba kwakwenzelwa ukuthi ubisi lube luningi uma sekusengwa, inkonyane lalilala lodwa. Osengayo wayevuka ekuseni akhiphe izinkomo azikhaphele eduze ngoba […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ukusetshenziswa kwenkukhu ukwenza umsebenzi ekhaya

Imisebenzi lena inemithelela emikhulu ekuphileni kwabantu nangendlela okuxhunyanwa ngayo nabantu abaphansi ngokwenziwa kwayo imisebenzi. Inkukhu enye yezilwane ezisetshenziswayo ukwenza leyo misebenzi. Inkukhu isilwane sasekhaya esaziwa ngokuthi sizulazula egcekeni asiyi kude nekhaya. Sinomsebenzi omkhulu uma kwenziwa amasiko okuhlabela abaphansi. Kungaba ukuhlola, ukuvika ibhadi, ukuqinisa noma ukugeza . Lapha inkukhu yenza umsebenzi omkhulu kabi. Kodwa ayivele idunyelwe nje […]

Continue Reading Comments { 0 }