Tag Archives | Amasiko esintu

Ukuphuka Kwezinkomo Zelobolo

Kuyisiko ukuthi uma intombi ilotsholwa iseyintombi nto noma ikhulelwe ikade iyintombi nto kunezinkomo ezikhokhwayo eziqondene nomama kanye nezintombi. Kunenkomo ekhishwa isoka ebizwa ngokuthi isidikli noma umgezo wezintombi. Uma kukhulelwe intombi kuphuma izinkomo ezintathu ukuyovala ihlazo emzini womnumzane. Lenkomo ngeyokuqala okufikwa nayo ikhulekwe ngaphandle kwesango, ihlatshelwe khona kukhishwe inyongo, kuchelwe ngayo umuzi, izintombi ziyogeza ngenyongo yayo […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ukuhlambulula Idlozi Ngenkolo YamaNazaretha

Ngibe nengxoxo noMnumzane Bongani Dube owazalwa ngo 1963 Novemba 11, ezalelwa endaweni yaseNdwedwe esigodini sakwaHlophe eduze nomuzi wakwaShembe, Ehhomisi. Manje usehlala endaweni yaseNanda, eCongo. Ukuhlambulula izidalwa noma idlozi yilapho usuke ugeza abantu bakini abangasekho emhlabeni. Ngokwenkolo yamaNazaretha kuthiwa uyazihlambulula. Inhloso yokuthi izidalwa zihlanjululwe ukuthi azize kahle kulowomuntu, okuthi uma ngabe enza umsebenzi izinto zakhe zilunge […]

Continue Reading Comments { 2 }

Ngokwesintu Ukuhlukanisa Kwabantu Abaganene Akuvumelekile

Ngokwesintu bebengahlukanisi abantu uma kade sebeganene noma sebelobolene. Umakoti losuke egane kulowomuzi, akayena owendoda yakhe kodwa kusuke kungowedlozi lakulowomuzi ngoba uma kusaqala zonke izingxoxo zamalobolo idlozi liyabikelwa ngempepho abakubo kamkhwenyana nabakantombazane nabo bayabika empepheni nabo. Sizokhumbula ukuthi umakoti uma engeniswa emzini uthelwa ngenyongo okunguphawu lokumxhumanisa namadlozi omuzi njengomuntu ozogana noma ozovusa umuzi. Ziyabakhona izinto ezingenza […]

Continue Reading Comments { 0 }

Zulu beer

Zulu Beer – Utshwala besiZulu Zulu beer is an alcoholic beverage which is brewed mostly by women, over a three-day period. The brew is made by some Coloured families in Mariannridge who still practice their Zulu customs and traditions. Zulu beer is made for funerals, weddings, feasts and other traditional occasions. Zulu beer is a […]

Continue Reading Comments { 0 }

Usiko Lomntwana LakwaGasela

Lena yingxoxo kaSibongiseni Gasela ohlala endaweni yaseNanda, wazalelwa futhi wakhulela endaweni yaseMtubatuba, KwaZulu. Ngemuva kokuqeda isikole khona weza eThekwini ukuzofuna umsebenzi. Abantu bakwaGasela baziwa ngoMdunge, Chiliza njalonjalo. USibongiseni usitshele ngosiko lakubo kwaGasela okungenzeka ukuthi luyafana nokwalesinye isibongo. Imindeni inezinto noma amasiko abawalendayo ngokwenqubo yabo njengokuthi ezinye izibongo zifaka iziphandla, zigcabe ebusweni ezinye zibhoboze ezindlebeni njalo […]

Continue Reading Comments { 0 }

Usiko Lokugezwa Kwentombazane Eshonelwe

Ngokwesiko lesiZulu kulihlazo ukutholakala komntwana ngaphandle komshado. Uma kwenzekile intombazane yamthola yabe isiba neshwa lokuthi umntwana adlule emhlabeni noma aphuphunyelwe isisu, kumele intombazane igezwe kususwe ithunzi elibi. Uma ingagezwanga kunenkolelo yokuthi iba namabhadi ingalungelwa lutho empilweni, konke ekuzamayo akuphumeleli ngenxa yesinyama esuke ihamba naso. Kugezwa kanjani Intombazane kufanele igezwe kubo kamfana oyikhulelisile kuqala, iphinde igezwe […]

Continue Reading Comments { 0 }