Funda amakhono wedijithali ku-WhatsApp, ngesiZulu, mahhala!

INingizimu Afrika ibhekene nokwentuleka kwamakhono okuwumthelela wokwanda kwezinto zobucwepheshe. Izakhamuzi zidinga ukufunda ngesisekelo samakhono obucwepheshe, lokhu kufaka nolwazi lokusebenzisa ikhompyutha, ukuthi usesha kanjani, kanye nokuhlola, ulwazi ku-inthanethi. Lolu lwazi lungabachushisa ekwazini izinto ezahlukene njengolwazi lokuzivulela ibhizinisi elincane noma ukubona izindaba ezingelona iqiniso nabenza ubukhonyovu ku-inthanethi. Izinkundla zokufunda ku-inthanethi azibasizi abantu abaningi eNingizimu Afrika. Izifundo zisebenzisa … Read more

Ukunwetshwa kweMtateni nokwakhiwa kweDurban Eye

EMtateni indawo yokuthutha enkulukazi futhi ematasa kakhulu kunazo zonke ezinye eNingizimu Afrika. Lendawo ephethwe inkampane iTransnet, kubikwa ukuthi bafuna ukuyinweba ngokuphindwe kawu-4 ukuvuleka kwayo njengamanje. Lokhu kuzoba nomthelela omkhulu kumaspala omuhle nongemuhle. U-Adrian Peters, oyiChief Strategy Officer eThekwini, wathi uhlelo lweTransnet luza namathuba kanye nobungozi. UPeters wabika ukuthi imigwaqo ehlukene kanye nemihubhe nxazonke zedolobha zibonakalisa … Read more

Umjaho wamahhashi-2022 Durban July

Ibhekwe ngabovu iDurban July ozobe ungempelasonto yangezi, 2 Julayi 2022 njengoba ishaya ibuya, isiqubulo salonyaka sithi ‘Show Me the Money’. Yize izikhukhula bezisho ukuhamba neTheku kodwa iTheku lithi selimi ngomumo ukusingatha lendumezulu yomcimbi. Umjaho omkhulukazi wamahhashi, ezemfashini kanye nobumnandi kubuye ngokuphelele selokhu kwaqala isifo se-Covid 19 emhlabeni. Ike yabhekana nobunzima iKwaZulu Natali kuleminyaka emibili eyedlule, … Read more

Liyawohloka liyaphela iTheku

Ukuwohloka kwedolobha iTheku inkinga ebukeka iqhubekela phambili ukunokuba inqandwe. Izitolo ezinkulu zibalekela kuma shopping malls namabhizinisi athulela ezindaweni ezingaphandle kwedolobha okunomthelela ongemuhle. Kule siqeshana sibheka kafushane ukuwohloka kwedolobha iTheku okucace bha uma uhamba kuWest Street (Dr Pixley Kaseme Street) okuwumgwaqo osetshenziswa noma ophithizela kunayo yonke kuleli dolobha. Sikhula uma usedolobheni uWest street bekuyilapho obuthola khona … Read more

IYouTube nesintu

Ukuhamba kwesikhathi kusho khona ukushintsha kwezinto, ubuchwepheshe be-Technology benza izinto zibelula. Ukuba khona kwezinhlaka zomculo kanye nokubukiswa kwezinto zesimanje sezivule inkundla yokuthi kubelula ukubona izinhlobo ezihlukene zamasiko ngokwehlukana kwezizwe. IKwaZulu Natali isifundazwe esikhulu kanti ke noma amasiko amaningi esiwenzayo efana kepha ukwenza kuyahlukana . Isibonelo nje indlela okuvunulwa ngayo kwehluka ngezigodi. Uma uya koMzimkhulu nakoBergville … Read more

Abesifazane nezimo abebhekana nazo emshadweni

Ziningi izinto ebezenziwa phambilini ebezicindezela amalungelo abantu besifazane bese zibekwa njengamasiko. Amasiko nemikhuba sekwenziwe sengathi into eyodwa kanti akunjalo. Ukuveza umehluka nje kancane, isiko yinto elandelwa umphakathi wendawo thizeni noma isizwe esithile njengokulobola kumaZulu. Bese kuthi umkhuba yinto eyenziwa imizi ngokwehlukana kwayo njengokunqunywa icikicane uma ungowakwaNgubane. Uma ubhekisisa futhi ulandelela umlando imikhuba eyayicindezela abantu besifazane … Read more

Njoko noMdumazi

Aziswelakali izidumo kumculo kaMaskandi, kukancane ungazizwa izidumo kulomculo. Noma kungamazi ukuthi izinsizwa zihlale zihlale zincwekisane kulomculo kepha le kaMdumazi noNjoko kubukeka sengathi isekude ukuphela . Bucishe bachitheka bugayiwe lezinsizwa zifuna ukubambana ngezihluthu. Impi yalamabhungu indala kakhulu ngoba zigadlana ngisho kuzo izingoma zazo, futhi kubukeka sengathi akekho impela ofuna ukugoba uphondo phakathi kwabo bobabili. Lezinsizwa bezimenywe … Read more