Inhlolovo ye-Ulwazi Programme / Ulwazi Programme Survey

Inhlolovo ye-Ulwazi Programme
I-Ulwazi Programme eyabasebenzisi bayo. Imibhalo yethu siyibhalela wena futhi sithanda ukwazi ukuthi uthanda ukufunda ngani. Sicela usazise ngokugcwalisa le nhlolovo (CHOFOZA LAPHA) ukuze ube sethubeni lokuwina i-airtime ka-R250!

Ulwazi Programme Survey
The Ulwazi Programme is about its users. We write articles for you and want to know what you want to read about. Please let us know by completing this survey (CLICK HERE) and stand a chance to win R250 airtime!

Continue Reading 2

Ukuhlinzwa kweNkomo II

Kulamakhasi amabili adlule (lapha nalapha) sibhunge ngendaba yokuhlatshwa kwenkomo, ukuhlinzwa kwayo kanye nokwabiwa kwayo, siphinde sakubeka obala ukuthi kuneminye imibukiso eseza mayelana nakho ukuhlinzwa kwenkomo. Kulelikhasi ke, sikhombisa omunye umbukiso wokuhlinzwa kwenkomo, iphinde ihlahlelwe ibandla esibayeni kwaLanga ngenkathi kunomcimbi weHlambo. Lana siveza inkomo yethiwa umnumnzane, kanye nebandla seliqala ukuhlinza, likhipha nesikhumba sayo inkomo, njengoba kubekiwe […]

Continue Reading 0
Khangelani Mhlongo

Khangelani

Khangelani Lakhala icilongo, abafana bachela amahawu esibayeni, ezomgangela ziyodibana khona, kuyodiban’ umakhasana ilishay’ ikhanda inqwele, lophe kumfana liyogezwa emfuleni olohluleke ukuvika. Ugiye kwabonakala uKhangelani Mhlongo odume ngelika “DSD” weqembu Osaziwayo okuyiqembu elidumile ku maskandi, lensizwa izidlela amahlanga ngecwecwe layo lokuqala ezibiza ngegama lakhe, uKhangelani. Leli cwecwe lishisa izikhotha njengoba ngezinsuku ezimbili liphumile lidayise inani elingaphezu […]

Continue Reading 0

Learning isiZulu

Earlier we wrote about Melusi Tshabalala’s new book, and how Melusi and his colleagues are currently working on an app that will allow readers to scan words in his book in order to hear an audio file with the correct pronunciation of the various words. While isiZulu may be one of the more phonetic languages, this […]

Continue Reading 0

Melusi’s Everyday Zulu

A while back we wrote about a Facebook page run by advertising creative, Melusi Tshabalala. Melusi had taken it upon himself to write a daily post centred around isiZulu, with each post looking at a different word. While Melusi’s handling of the subject is very entertaining, the idea came about as a result of something a […]

Continue Reading 0

Ukuhlinza Inkomo

Uma kuhlatshwa inkomo, abahlinzi kanye nomhlahli abakhethiwe ibona abangamela lo msebenzi osuke uzokwenziwa. Ngaphambi kokuba kuhlatshwe inkomo, abahlinzi bageza izandla, bese kuthi lo ozoyihlaba akhothiswe utswayi noma usawoti ukuze abantu bengakhishwa isisu uma kuwukuthi loyomuntu udla izibiba. Emva kokuhlatshwa kwenkomo, umnumnzane uyayetha inkomo, uma eyetha ufaka isinqindi sakhe enhla kwesixhanti, adabule ngapha nangapha kobilo lona […]

Continue Reading 0

Imigubho uma kulotsholwa

Ulwazi Programme seluke laloba kaningana ngoMemulo. Kule ndatshana ngiveza ama-video ezinye zezinto ezenzekayo uma kumulwa emva kokucelwa kwesihlobo esihle. Lapha ngaphezulu sibona sibona intokazi esanda kucelwa nensizwa esanda kucela lentokazi begiya bebhiyoza esigcawini kanye nezihlobo zabo. Lokhu-ke kuyinto eywayelekile uma umcelo uhambe kahle kwaze kwafika esigabeni somemulo. Lapha ngaphezulu sibona ithimba lezinsizwa lisina ngokuzimisela nangendlela […]

Continue Reading 0