Izaga: Ingxenye Yesibili

Izaga Ezifungelayo noma Ezisongayo Umlungu angathunga isicoco – Ngeke kwenzeke lokho ozama ukukukwenza Bungachitheka bugayiwe – Kusho ukuthi ngeke kwenzeke lokho Uyobe uyakwazi ukuphuma nesikhuni emanzini – Uyobe uyakwazi ukwenza kwenzeke Ngiyihulule imfibinga dadewethu kababa – Lesi saga sisho ukuthi ngeke kwenzeke lokho Uyoze fike kwaMgadula, kwaMbilemhlophe – Uyoze uphele inkani ungazange uphumelele Lezizaga zisho […]

Continue Reading Comments { 0 }

Incwadi yomzali eya emntwaneni

Ngane yami, ntandokazi yami, ngicela ulalele la mazwi: Konke kunesikhathi nesizathu sakho. Bonke abantu ohlangana nabo empilweni banesifundo abangashicilela empilweni yakho. Bangakushiya okuhle, futhi bangakuletha nokubi kodwa okubalulekile isifundo abasishiya phezu kwempilo yakho. Lesi sifundo sibalulekile ngoba sikufundisa amandla akho okwamukela, okubekezela nawokwenza. Konke kwenzeka ngesizathu. Okukho nje okuvele kuqhamuke esithubeni. Yonke into inomsuka wayo. […]

Continue Reading Comments { 0 }

Izaga

Izaga zesiZulu Igama elithi isaga lisho into enemiqondo noma izincazelo eziningi. Isaga siyasetshenziswa ukuchaza into ewumhlola, siphinde zichaze into engajwayelekile ngesikhathi esithile. Izaga futhi ziyasetshenziswa uma kubhungwa noma kulotshwa, zisetshenziselwa ukunonisa inkulumo kanye nobugagu bokwendlalela inkulumo, kanti futhi ziyasetshenziswa ukusonga, ukuxwayisa kanye nokululeka umuntu. Izaga kucikozwa ngazo kakhulu okutshengisa ubuhlakani benkulumo okunye nokungabeki mbaba amagama […]

Continue Reading Comments { 0 }

Vuka Muntu Omusha

    Muntu omusha Wena gugu la namuhla Wena nzalabantu yakusasa Ndlalifa, wena utotosiwe. Wena uthandiwe. Wena uvulelwe amathuba kwathiwa izinhlelo mazibeke Wena nekusasa lakho phambili.   Wemame! Ukhohlisa bani? Vuka emaqandeni, Vuka ebuvileni! Indlu emnyama iyasha, Abantu bayakhala indlala, Ikati lilele eziko, Inkululeko yagcina ngokubikwa.   Bazibile. Wena unethezekile.   Isimo simuncu. Iphunga libi. […]

Continue Reading Comments { 0 }
Ntomb'entle dolls

Meet Baby Thando!

You will often read about African parents struggling to find appropriate dolls for their little girls (or boys) to play with, and even when there are darker skinned dolls available, they often lack features that resemble African children. This may not seem like a massive problem, but play is a very important stage in human […]

Continue Reading Comments { 0 }
Swahili proverbs for the 21st Century, by Musa Omusi

Learn A Second Language – for Free!

The world is becoming smaller and smaller, with internet access meaning that you no longer need to get on a plane to speak to people from the other side of the world. Most people would love to be able to speak a second language as it opens ups so many doors, but often the cost […]

Continue Reading Comments { 0 }

Ukubaluleka Kokuzithoba

Isisho esithi ‘umuntu ngumuntu ngabantu’ isisho esidumile futhi isisho esithandwa kakhulu abantu abamnyama, ikakhulukazi thina bantu besizwe sakwaZulu. Lesi sisho ngiyasithanda ngoba sibhangqa wonke umuntu, asisho ukuthi isigwili, isahlupheki, ingane, omnyama, omhlophe, owesilisa noma owesifazane ngumuntu ngabantu kodwa sithi umuntu ngumuntu ngabantu. Lesi sisho ke sizala ingqikithi yokubaluleka kokuzithoba. Ukuzithoba ke akuyona into ejulukisa umhlane […]

Continue Reading Comments { 0 }