IZITHAKAZELO ZAKWA MSANE/MSANI

Majoka,
Kunene, Mtimande
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu, ka Sontuli ka Nonjonjo
Delela !
Wena kaMgobhozi, owehl’ entabeni,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!
Izithakazelo zakwa-Msane
Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,
Joka lensimbi, abanye bebophela ngawokhuni !
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

By Zwakele Msane 

, ,

8 Responses to IZITHAKAZELO ZAKWA MSANE/MSANI