Request for information: Nkwanyane surname

My name is Tshepo Nkwanyane. I am 24 years old and from Gauteng. I would to like know where there surname Nkwanyane came from and the clans that go with it.

4 Responses to Request for information: Nkwanyane surname

  1. Lindelani Mdluli 04/12/2012 at 3:18 am #

    Zikode

    Donda

    Makhanda

    Myekwa bethathwa

    Makhanda kaNqayi

    Mthayi kaNsele

    MenzaNkosi

    Wena owakha ongiyane besilo

    Nceku enhle

    Nceku yesilo uMpande

    Gabadela

    Owagabadela izingwe zoNgoye

    Madela mhlambi yezinkomo zabanumzane endle.

    Mbeng’ osinda ‘bosi,

    Mbeng’ owawela oNgoye

    Wela so Ntukela/ SONTUKWINI

    Wena wo-suthu lwasenhla

    Mqabula nkungu KwaNodwengu kwavel’ ilanga

    Langa elaphuma oNgoye

    Mangwe amahle

    Mlwandle

    Zingwe ey phuza kwesijulile isiziba,

    Ngokukholwa wulwandle,

    Nhloko ezihlabelayo abanumzane behlatshelwa.

    SiNkwana/SiNkwanyana kubanumzane basoNgoye.

    Bebona ngeKati eziko

    Basho ngesihawu “nguSinkwana ongenaPeni”

    Wathelwa zibusiso zokuvunda kokhalo

    Akhula belibele amachwane kaCilo ongeYena

    Lafezeka iphupho lenkonyana KaNdaba

    Mathula kuhletshwa

    Bathi ngundlebe kazizwa

    Kanti Uthule ngabomu

    Zetshisa umbiko kaZulu

    Odumise okweZulu Lihlomile

    Ngomlomo Ka Zulu ongathethi manga

    Sobahle

    Soshibe ka dangazela

    Nzim’ elimnyama

    Wena kaB’thikazi

    Wena kathubelez’ inyang’ isemafini

    Wena kaNodel’ imiyalo

    Buhle busezindiyeni
    Nkwanyana

  2. Mbongeni Nkwanyana 14/07/2013 at 1:56 pm #

    Empeleni ngokwazi kwami oNkwanyana kabefani. Ekukhuleni kwami bengazi ukuthi ngaphandle kweyakithi indlu kukhona oMakhanda. Kuthe nxa ngikhula ngabe sengihlangana noMyikwe, muva nje sengithola noNjapha. Okuphawulekayo kodwa wukuthi sonke singoZikode. Ngokokudabuka ngatshelwa nguMkhulu ukuthi singamaHlubi.

    Ezakithi ke izithakazelo zimi kanje,

    Zikode,

    Som’ elimnyama elibomvu ngentamo,

    Gebisa mkhala njengenkomo,

    Swelazitha ngob’ izitha ziyamthobela,

    Mnqangaza kaSompumase,

    Njinjinini,

    Matomela,

    Sondinda,

    Mzwangonyawo.

    Ngiyabonga ukuthola lelithuba lokuthi ngikhanyise lapho ngingakhona khona. Ngiyethemba basekhona nabanye abangavela ukuze siwulungise umlando kwazise sekuvame ukuthi abantu bagcine sebethi izibongo zomkhulu babo yizithakazelo zakithi.

  3. Bhekinkosi Nkwanyana 09/06/2015 at 1:20 pm #

    Am a boy I also want to know my historical background. I don’t even know where I come from. Thank you.

  4. Profile photo of
    Ulwazi Web Editor 11/06/2015 at 10:14 am #

    Thank you for your comment Bhekinkosi. We will forward your request to our field workers and see if they can find any information on your family name, Nkwanyana.

Leave a Reply